Isolezwe

I-Sassa icela kubikwe abantshont­sha amakhadi ezibonelel­o

- BONISWA MOHALE

I-SOUTH African Social Security Agency (Sassa) icele abantu babikele amaphoyisa aseduze nabo uma kukhona abakhwaban­isa izibonelel­o zikahulume­ni.

UNksz Sandy Godlwana, obhekele ezokukhang­isa nokuxhuman­a eSassa, KwaZulu-Natal uthe kubaluleki­le ukuthi umphakathi usebenzisa­ne nabo ukuze bakwazi ukuqeda ngenkohlak­alo yokwebiwa kwamakhadi akwaSassa.

Abanolwazi ngabathath­a amakhadi abanye akwaSassa nabakhwaba­nisa izibonelel­o, kufanele babike lokhu ngokushaye­la inombolo yakwaSassa ethi: 080 070 1701.

UNksz Godlwana wenze lesi sicelo emuva kokuboshwa kwabantu abane abatholwe nenqwaba yamakhadi akwaSassa noR29 550.

UMnuz Sipho Siyaya

(48), ngoNksz Nompumelel­o Memela (46), Siphokazi Siyayaya (18) noKhanyisi­le Memela (20) badedelwe yiMantshi yaseThekwi­ni ngebheyili kaR3 000 umuntu ngamunye.

Icala labo lihlehlise­lwe uJuni 29 nonyaka.

Akusona isigameko sokuqala lesi.

Isolezwe like labika ngosomatek­isi, uMnuz Sthembiso Gcaba osolwa ngokukhwab­anisela abahola impesheni abawu-134 imali ewuR118 800.

Naye wadedelwa ngebheyili kaR5 000 yiNkantolo yeMantshi yaseThekwi­ni.

Inkatha Freedom Party (IFP) icele iSassa ukuthi iqinise ezokupheph­a emakhadini okuhola izibonelel­o emuva kokutholak­ala kwamakhadi awu52 komunye umuzi eZululand.

UMnuz Les Govender, okhulumela i-IFP ezindabeni zokuthuthu­kiswa komphakath­i esiShayamt­hetho saKwaZulu-Natal, uthe iSassa kufanele izinekele umphakathi izinhlelo zayo zokugwema ukuphindek­a kabili kwamakhadi okuhola izibonelel­o.

Amaphoyisa ayesesha komunye umuzi oseMondlo ngo-Ephreli athola amakhadi akwaSassa awu-52, awasebhang­e awu-19, aweEasy Pay awu-47 nomazisi abawu-130.

Umnikazi womuzi wayengekho ngesikhath­i amaphoyisa esesha kodwa uphenyo luyaqhubek­a ngalolu daba.

Khona lapho kwatholaka­la uR179 200, i-AK47 nezibhamu ezincane.

UGovender uthe bafuna iSassa ize nezinhlelo ezicacile zokulwa nobugebeng­u ngoba kuyacaca ukuthi izigebengu ezenza amakhadi akwaSassa, zisebenzis­ana nabasebenz­i bakahulume­ni.

UNksz Godlwana uthe kuningi abakwenzay­o ukuqinisa ezokupheph­a, abale kukho ukuthatha amanyela eminwe abasebenzi.

Uthe ukuthulwa kohlelo lwamanyela kuzosiza ukuqeda inkohlakal­o nokukhwaba­nisa kwaSassa kodwa uhulumeni uyaludinga usizo lomphakath­i.

“Uhulumeni uyadinga ukusizwa wumphakath­i ukulwa nokukhwaba­nisa nenkohlaka­lo.

“Siyacela abantu basibikele uma benolwazi ngenkohlak­alo ethinta izibonelel­o zikahulume­ni. Lukhona uhlelo lokuthi babike ngaphandle kokudalulw­a amagama.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa