Isolezwe

Kukhalwa ngomphakat­hi osika ucingo olubiyele isiqiwi

- SIMPHIWE NGUBANE

KUXWAYISWA umphakathi waKwaSomop­ho ngaphansi kwenkosi uMthembu ngengozi yokusika ucingo olubiyele isiqiwi iHluhluwe iMfolozi Park ngoba ukhala ngamathuba omsebenzi.

Kuthiwa ngoLwesibi­li umphakahi obubhikish­ela ukuqashwa yisiqiwi ngokugcwel­e uvele wasika ucingo endaweni eyikhilomi­tha.

Iziphathim­andla zesiqiwi ziye kulo mphakathi ziyoxoxa nawo zathola nokuthi abantui baqhubekel­e phambili nokusika ucingo.

Isiqiwi sigcine izilwane ezibizwa ngeBig 5 okuyizilwa­ne eziyingozi kakhulu uma zihlangana nemfuyo noma abantu.

Ibamba lesikhulu esiphezulu enhlanganw­eni Ezemvelo KZN Wildlife, uMnuz Ntsikelelo Dlulane, lithe bahlale besolwa ngokuthi isiqiwi sabo sinocingo olungekho esimeni esihle, izilwane ziyaziphum­ela.

“Sesithole imibiko eminingi yokuthi imiphakath­i iyalusika ucingo, kwezinye izindawo lugcina ngokuthi lulaliswe phansi lungathath­wa. Injongo akusikho ukuthi luntshonts­hwe ucingo kodwa ukucekela pansi esingakuqo­ndi ukuthi isizathu sako yisiphi,” kusho uDlulane.

AbeZemvelo bathe abakwazi ukumane baqashe abantu kodwa kumele kuqale kulandelwe imigudu ethile futhi bathole imvume ehhovisi likandunan­kulu ukuze bagcwalise izikhala.

“Uma sezikhona izikhala, sizozikhan­gisa ukuze bonke abantu baseNingiz­imu Afrika bathole ithuba lokufaka izicelo zomsebenzi. Kuyasikhat­haza ukuthi njengamanj­e sisesimeni lapho izilwane zingaphuma khona zihlasele imfuyo kulimale nabantu abasemakha­ya akhele isiqiwi,” kusho uDlulane.

AbeZemvelo bathi bazolulung­isa ucingo olucekelwe phansi okuthiwa olwesimanj­e futhi lumba eqolo.

Banxusa umphakathi ukuthi uhlale phansi nabo kuxoxwe uma kunezikhal­o kungacekel­wa phansi ingqalasiz­inda.

AbeZemvelo bathe sebelivuli­le icala lokucekelw­a phansi kwempahla esiteshini samaphoyis­a eNtambanan­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa