Kutuswa abadayisi botshwala abalandela imigomo yeCovid-19
KUBONGWE iqhaza elibanjwe ngosomabhizinisi abahweba ngotshwala abasalandela imigomo yokunqanda ukusabalala kweCovid-19, KwaZuluNatal.
IKwaZulu-Natal
Liquor Authority (KZNLA), elawula ukudayiswa kotshwala ithi liwu-90% izinga lokulandelwa komthetho ezindaweni ezidayisa utshwala. Isifundazwe sinezindawo ezingu-8
000 ezinamalayisensi azigunyaza ukuthi zidayise utshwala.
USihlalo weBhodi leKZNLA, uNkk
Mbali Myeni, uthe basebenzisane namaphoyisa, ubuholi besifundazwe nezinhlaka ezahlukene beqinisekisa ukuthi ilandelwa njengoba injalo imigomo enqanda ukusabala kweCovid-19 neyokudayisa kotshwala.
UNkk Myeni uthe bavundulule izindawo eziyisithupha ebezihweba ngamalayisensi awumbombayi neziliphu zenkokhelo yawo.
“Lezi zaphulamthetho sizibeke amacala zase zivela ezinkantolo. Ngesikhathi sikathaqa simise ukudayisa utshwala ezindaweni eziwu-22, ngamacala ehlukene okungalandelwa komthetho,” kuchaza uNkk Myeni.
Uthe bazoqhubeka bagasele kungazelele muntu, ezindaweni ezidayia utshwala behlola ukuthi imigomo ebekiwe ilandelwa njengoba injalo.
“I-KZNLA ngeke neze ikujabulele ukuphuca abantu ilungelo lokudayisa utshwala ngalesi sikhathi esinzima sezomnotho. Kodwa kubalulekile ukuthi abantu balandele imithetho ebekiwe yokudayisa utshwala. Abantu abazinakelele futhi bazivikele,” kweluleka uNkk Myeni.
Le nhlangano elawulwa uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokoNgiwa kweMvelo ngaphansi kukaNgqongqoshe uMnuz Ravi Pillay, ithi izoqhubeka nemikhankaso elwa nodlame ngokobulili, ukugembula ngokungemtheho futhi iqinisekise ukuthi amakhasimende anikwa imikhiqizo evutshelwe ngendlela efanele.
I-KZNLA ithi izoqhubeka nokusebenza ngokubambisana nabebhodi elibhekelele izindawo zokugembula, iKwaZulu-Natal
Gaming and Betting Board.Kunxenxwe imiphakathi ukuthi ibike oskhwiliphambana nobhoko abaphula imithetho, kule nombolo yocingo ethi: 0800 00 44 24.