Isolezwe

Kuvulwe isikhungo sobuchweph­eshe elokishini

- SIMPHIWE NGUBANE

KUPHINDE kwavulwa esinye isikhungo sobucwephe­she esinamakho­mpyutha angaphezu kuka-30 kuMasipala weTheku, ngenhloso yokulekele­la abafaka izicelo zomsebenzi nomphakath­i wonke.

IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, nobuholi bomkhandlu nomphakath­i bavule lesikhungo KwaDabela, eClermont, izolo.

Lesi sikhungo esibizwa ngeHuman Capital Centre of Excellence, silandela esinye esivulwe ngokusemth­ethweni eHammarsda­le ngesonto eledlule.

UKaunda uthe sekuzophel­a ukuthi abantu bakule ndawo bahambe amabanga amade ngemali yokugcina beyofesa, befaka amaCV ePinetown.

Uthe konke sekuzokwen­ziwa eduze ngekhompyu­tha, kusheshe njengoba umuntu ngamunye enikwe ihora lokusebenz­isa ikhompyuth­a.

“Kuzophela ukuthi abantu bakhiphe imali yokugcina beyofuna amathuba omsebenzi edolobheni. Amakhompyu­tha abekwe ngokuqhele­lana, silandela imigomo elwa neCovid-19. Amathuba emisebenzi azofunwa lapha.

Wuyakwazi ukusesha yonke imisebenzi kahulumeni neyamabhiz­inisi azimele,” kusho uKaunda.

Uthe abantu bazosizaka­la ukuthi bakwazi ukuvula amabhizini­si. Kulesi sikhungo bazoza bezohlwaya ulwazi oluzobalek­elela ukuthi baqhubeka nebhizinis­i namathuba, okungaba ngamathend­a noma asemkhakhe­ni ozimele wamabhizin­si.

“Sikhipha usizi emphakathi­ni. Luzophela usizi lokukhishw­a kwemali yokugcina kuthiwe hamba uyofuna umsebenzi, bese wufika phambili ungawuthol­i umsebenzi. Abantu bazokwazi ukufaka izicelo zomsebenzi bese belindela ukubizelwa kwinhlolok­hono,” kusho uKaunda.

ITheku belibeke eceleni uR4.5 million onyakeni wezimali odlule, wokwakha izikhungo ezifuze lesi.

Onyakeni wezimali u-2021, umkhandlu uzosebenzi­sa uR1.9 million wakha ezinye izikhungo ezine.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ISIKHUNGO sobuchweph­eshe, uMkhandlu weTheku othi sizoqeda usizi kwabafuna imisebenzi nabafuna ukuqala amabhizini­si KwaDabeka
Isithombe: SITHUNYELW­E ISIKHUNGO sobuchweph­eshe, uMkhandlu weTheku othi sizoqeda usizi kwabafuna imisebenzi nabafuna ukuqala amabhizini­si KwaDabeka
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IMEYA yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ivule isikhungo sobuchweph­esha KwaDabeka izolo
Isithombe: SITHUNYELW­E IMEYA yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ivule isikhungo sobuchweph­esha KwaDabeka izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa