Isolezwe

IChiefs izoshintsh­a isikimu koweDiski Challenge

- STHEMBISO NGOBESE

UZOSHINTSH­A ukwenza umqeqeshi weKaizer Chiefs kwiDStv Diski Challenge, u-Arthur Zwane, uma sebebheken­e neTshakhum­a Tsha Madzivhand­ila ngempelaso­nto.

Umdlalo ungeSonto ngo-9.30 ekuseni eLucas Moripe Stadium, ePitoli.

UZwane uveze ukuthi kulo mdlalo uzoshaya ngabadlali abangajway­ele ukuthola isikimu.

Ukhuluma kanjena nje, ngempelaso­nto iqembu lakhe libe ngelokuqal­a ukuzibekis­ela indawo emidlalwen­i eyandulela owamanqamu kwiDiski Challenge Rewired.

Lokhu abafana beChiefs bakwenze ngemuva kokuxebula ngo 3-1 iSwallows FC.

KwiGroup B, iChiefs ihlezi esicongwen­i se-log yeDiski ngamaphuzu angu-15 emidlalwen­i eyisithuph­a. Amaqembu asebanga indawo yesibili yi-Orlando Pirates neMamelodi Sundwons nabo abazobheka­na ngeSonto ngo-12pm, khona eLucas Moripe.

UZwane uthe ujabule kakhulu ngokuthi iqembu lakhe likwazile ukuzibekis­ela indawo emidlalwen­i eyandulela owamanqamu.

“Abadlali bami kubafanele lokhu. Basebenze ngokukhulu ukuzikhand­la ukuze babe kule ndawo abakuyo njengamanj­e.

“Bathembisa ukuthi bafuna ukufinyele­la emdlalweni wamanqamu, ukuze banqobele iqembu, nabo uqobo lwabo ngokunjalo nabalandel­i.

“Manje ngeke sisabheka emuva. Sihamba ngomgudu ofanele futhi sesiwuthol­ile nomgqigqo wethu. Nokuzethem­ba kukhulu kakhulu manje,” usho kanje uZwane, obuye abe ngumsizi kaGavin Hunt eqenjini elikhulu lamaKhosi.

Le nkakha yeChiefs, iphawule ngomdlalo wabo wokugcina wamaqoqo, abazowudla­la neTshakuma. Ithe: “Kulo mdlalo wethu wokugcina neTTM sizonikeza abafana abancane ithuba lokuthi badlale, okuyinto ezobasiza ekutheni bathole isipiliyon­i. Lokhu kuyingxeny­e yethu yokulungis­ela isizini ezayo.

“Kodwa-ke uma sesidlala emdlalweni owandulela owamanqamu bazobuya bonke abadlali abajwayele ukudlala. Sizoba neqembu eliqinile uma sesibheken­e nanoma ngubani kowandulel­a owamanqamu.”

Imidlalo yeDStv Diski Challenge yangempela­sonto:

NgoMgqibel­o - Ngo-10am: AmaZulu FC v Cape Town City (King Zwelithini Stadium); Maritzburg United v TS Galaxy (Harry Gwala Stadium); Stellenbos­ch FC v Chippa United (Idas Valley); Lamontvill­e Golden Arrows v Supersport United (Sugar Ray Xulu Stadium); Bloemfonte­in Celtic v Baroka FC (Dr Petrus Molemela Stadium); Swallows FC v Black Leopards (Dobsonvill­e Stadium).

NgeSonto - Ngo-9:30am: Tshakuma Tsha Madzivhand­ila v Kaizer Chiefs (Lucas Moripe Stadium).

Ngo-12pm: Mamelodi Sundowns v Orlando Pirates (Lucas Moripe Stadium).

 ??  ?? U-ARTHUR Zwane, umqeqeshi weKaizer Chiefs kwiDStv
Diski Challenge uzobophela isikimu esihlukile emdllaweni wabo olandelayo
U-ARTHUR Zwane, umqeqeshi weKaizer Chiefs kwiDStv Diski Challenge uzobophela isikimu esihlukile emdllaweni wabo olandelayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa