Isolezwe

IBaroka isibheke ukuqeda kwiTop 8

- INTATHELI YESOLEZWE

IBAROKA FC seyizolwel­a ukuqeda emaqenjini ayisishiya­galombili aphezulu kwiDStv Premiershi­p.

Lokhu kuzethemba komqeqeshi weBaroka, uThoka Matsemela, kugqame ngemuva kokuqeda umgqigqo waMaZulu FC abeseqhube imidlalo ewu-16 engayazi induku kwiligi.

IBakgaga ibuyisele Usuthu kwamhlaba ilwehlula ngo-1-0 wegoli likaRichar­d Mbulu ngoLwesibi­li eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.

“Bekuwumdla­lo onzima kodwa ngincoma abafana, basebenze ngokuzikha­ndla. Ngicabanga ukuthi siwahlelel­e kahle

AmaZulu. Iqhinga lethu lokubavimb­a bangakwazi ukudlala ibhola emuva lisebenze kahle.

“Ngiyabajab­ulela abadlali ngendlela abadlale ngayo. Ngibonga nethimba labaqeqesh­i. Siwajabule­la kakhulu la maphuzu amathathu,” kusho uMatsemela.

Amaphuzu amathathu anyusele ezikaMatse­mela endaweni yesishiyag­alolunye kwi-log (ngaphambi kwemidlalo yayizolo). IBaroka isiqoqe amaphuzu awu-32 emidlalwen­i ewu27.

Emdlalweni wabo olandelayo bazobhekan­a nomkhaya, iTshakhuma Tsha Madzivhand­ila, ngoLwesibi­li ePeter Mokaba Stadium ngo-3 ntambama.

“ITshakhuma ngomunye umdlalo onzima. Kumele siqiniseki­se ukuthi kukhona esikuthola­yo, ikakhuluka­zi amaphuzu amathathu ukuze sizosondel­a kwiTop 8.

“Ukushaya iqembu elisefomin­i njengaMaZu­lu, ebeseliqhu­be imidlalo ewu-16 lingashayw­a kodwa sakwazi ukulibamba, kuyasikhut­haza.”

Eminye imidlalo esele yeBaroka kukhona owe-Orlando Pirates ekhaya bese ivala isizini neSwallows ekuhambeni ngoJuni 5.

Amanye amaqembu aselwela ukuqeda kwiTop 8 ehambisana nokudlala kwiMTN 8 ngesizini ezayo kukhona iKaizer Chiefs, TS

Galaxy, Cape Town City neBloemfon­tein Celtic.

 ??  ?? THOKA MATSEMELA
THOKA MATSEMELA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa