Kungase kucace ngempelasonto ngesicoco seGladAfrica
KUNGASE kucace kule mpelasonto ngeqembu elizonqoba isicoco seGladAfrica Championship uma sekudlalwa imidlalo eyandulela eyokugcina yokuvalwa kwesizini ka-2020/2021.
Imidlalo yeGladAfrica Championship yonke izoqala ngo-3 ntambama ngeSonto ezinkundleni ezahlukene zakuleli.
Imidlalo yamaqembu aKwaZulu-Natal, okuyiRoyal AM neRichards Bay FC yiyona ezobe ibhekwe kakhulu ngabathandi bebhola kwazise njengamanje umbango wesicoco ubukeka usuphakathi kwawo.
IRoyal AM, okuyiyona ehlezi phezulu esicongweni ngamaphuzu angu-47 emidlalweni engu-28, izokuba nomdlalo onzima ekuhambeni njengoba izobhekana ne-University of Pretoria, e-ABSA Tuks Stadium, ePitoli.
Ngokunjalo neNatal
Rich Boyz, elele endaweni yesibili ngamaphuzu angu-45 emidlalweni engu-28, izobe isekuhambeni idlala neJomo Cosmos eTsakane Stadium, Ekurhuleni.
Yomibili le midlalo kulindeleke ukuba ibe ngenzima kakhulu kwazise amaqembu abaqhathwe nawo lapha azobe efuna ukuqinisekisa ukuthi ayaphepha ezembeni eseliqalile ukugawula njengoba iBizana Pondo Chiefs isihambile kwiGladAfrica.
Uma iRoyal AM, eqeqeshwa nguSazi Ngubane, inqoba emdlalweni wayo namaTuks bese kuthi iBay ecijwa nguSimo Dladla ihlulwe, lokho kuyochaza ukuthi iqembu lika-Andile Mpisane, ongusihlalo, yilona elizoba ngompetha abasha beGladAfrica, okuhambisana nokukhushulelwa esigabeni seDStv Premiership.
Uma la maqembu enqobe womabili kule mpelasonto, lokho kuyobe kuchaza ukuthi umbango wesicoco uzobe usavulekile nokungenza ukuthi kucace ngemidlalo yokugcina ngeqembu elizokhala lemuke nesicoco.
Iqembu elizoqeda endaweni yesibili nelizolala isithathu, azothola ithuba loqhubeka nokulwela ukukhuphukela kwiDStv Premiership, ngokudlala eyokuhlunga. Elinye iqembu elizobe likulo mbango ngelizoqeda endaweni ka-15 kwiDStv Premiership.
Nasemsileni we-log yeGladAfrica, umbango ushubile ngeqembu lesibili elizolandela iChiefs kwi-ABC Motsepe League.
Lo mbango uphakathi kwamaqembu aseKapa, okuyiSteenberg United, Cape Town Spurs neCape Town All Stars.
Njengamanje iSteenberg ihlezi endaweni ka-15 ngamaphuzu angu-29, iSpurs sona sisendaweni ka-14 ngamaphuzu angu-30 bese kuthi i-All Stars esendaweni ka-13 ibe namaphuzu angu-33.
Imidlalo yeGladAfrica Championship:
NgeSonto - Ngo-3pm: Pondo Chiefs v Pretoria Callies
(King Zwelithini Stadium); Jomo Cosmos v Richards
Bay (Tsakane Stadium); Sekhukhune United v Polokwane City (Makhulong Stadium); University of Pretoria v Royal AM (ABSA Tuks Stadium); Free State Stars v Cape Town Spurs (Goble Park); TS Sporting v Uthongathi FC (Kabokweni Stadium); Cape Town All Stars v Cape United (Parow Park); Steenberg United v JDR (Idas Valley).