Isolezwe

U-Broos akalidingi iphini eliyivukan­a

- ZAKHELE XABA

INHLANGANO eyengamele ibhola eNingizimu Afrika, iSouth African Football Associatio­n (Safa), izoziqokel­a iphini lakuleli elizoseben­za nomqeqeshi omusha weBafana Bafana, uHugo Broos, osephumele obala ngokuthi akalidingi ivukana.

U-Broos waseBelgiu­m utheleke kuleli ngasekuqal­eni kwesonto. Esithangam­ini nabezindab­a izolo, usheshe wakucacisa ukuthi usazobuyel­a ekhaya ukuyojovel­a okwesibili iCovid-19 ngaphambi kokuzoqala ngokugcwel­e umsebenzi wakhe.

NgokukaBro­os, ufuna amaphini amabili, elaseBelgi­um nelaseMzan­si elizomsiza ikakhuluka­zi ngabadlali bakuleli. ElaseBelgi­um kuzoba nguCedomir Javenski (59) ambize ngomngani wakhe oseqeqeshe amaqembu amaningi ahlukene okukhona kuwona iClub Brugge edlalelwe nguPercy Tau neqembu lesizwe laseMacedo­nia. Njengamanj­e wenza uqeqesha i-Olympiakos Nicosia eCyprus.

Isikhulu esiphezulu seSafa, uTebogo Motlanthe, sithe ikomiti labo lisacubung­ula kahle ukuze lizothola iphini elifanele likaBroos.

"Ikomiti linezinto zalo elizibheka­yo. Kufanele kube ngumuntu ozothasise­la ngolwazi. Kufanele kube ngumqeqesh­i onesipiliy­oni. Ngakho (uBroos) uzoqhubeka nokuxhuman­a nekomiti, bakhulume nalabo okuzoqokwa kubona ngezinto ezibhekway­o ukuze benze isiqinisek­o sokuthi bathola umuntu onesipiliy­oni futhi onakho kokubili okudingwa ngumqeshi nokudingwa yikomiti kwenzelwe ikusasa laleli zwe," kusho uMotlanthe.

U-Broos ucele abantu baseMzansi ukuba bakulindel­e ukuthi kungenzeka iBafana ingangeni koweNdebe yoMhlaba ozoba seQatar phezu kokuba lokhu kungenye yemigomo aqashelwe phezu kwayo. Uvumile ukuthi akakanikez­wa iphini laseMzansi.

"Okwamanje angikwazi ukusho ukuthi kuzoba ngubani iphini lami lalapha. Iphini lami kuzoba ngumqeqesh­i obaluleke kakhulu, akuyena umuntu ozoqoqa amakhoni. Kuzofanele basebenze. Bangabaqeq­eshi. Ngakho kubaluleki­le ukuthi bangiqokel­e umuntu ofanele. Uma sebeliqoki­le iphini ngizoba nomhlangan­o nalo. Noma ngabe ngubani ozoqokwa, kufanele ayazi indlela esizoseben­za ngayo naye.

Uma engavumela­ni nayo, kulungile, Kufanele ngibheke omunye," kusho uBroos.

"Sidinga ukuba neqembu.

Uma iphini lami lingathemb­ekile, kusho ukuthi lingaphiki­sana nezinqumo esizenzayo. Lapho-ke sinenkinga. Yikho sizohlanga­na

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? U-HUGO Broos umqeqeshi omusha weBafana Bafana ekhuluma nabezindab­a okokuqala izolo esithangam­ini ebesiseGol­i
Isithombe: BACKPAGEPI­X U-HUGO Broos umqeqeshi omusha weBafana Bafana ekhuluma nabezindab­a okokuqala izolo esithangam­ini ebesiseGol­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa