Bafuna kungenele imeya ngenkinga yendawo yokulothisa
ABANGCWABI bafuna kungenele iMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda ezinkingeni zendawo yokulothisa iMobeni Heights Crematorium ebivalwe ngenxa yokushodelwa yigesi yokulothisa.
UMnuz Muzi Hlengwa onguMengameli weNational Funeral Practitioners Association of South Africa (Nafupa SA), uthe bazocela umhlangano noKaunda ukuze kulungiswe indaba yaseMobeni Crematorium.
“Kufanele sibe nesivumelwano nemeya sokuthi zizolungiswa kanjani izinkinga zaseMobeni Crematorium ngoba kulokhu akufanga lutho kodwa bekushoda igesi kwase kuma ukulothisa. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi abaphethe le ndawo bahlulwa wumsebenzi. Ngeke ulinde kuphele igesi oyisebenzisa njalo uma ulothisa ngaphambi kokuyi-oda. Kufanele ukuthi uyayibona ukuthi isincane bese wenza izinhlelo zokuyithenga. Sifuna kungenele imeya ngoba kukhona abahlupha umphakathi ngamabomu,” kusho uHlengwa.
Uthe kuyishwa ukuthi umasipala ugqugquzela abantu ukuthi basebenzise izindlela ezihlukene zokungcwaba okubalwa ukulothisa kodwa indawo yakhe ihlale ingasebenzi.
Phambilini iMobeni Crematorium ibivaliwe ngenxa yokufa kwensimbi esetshenziswa uma kulothiswa. Le nsimbi kuthiwa ithengwa phesheya kanti yalindwa isikhathi eside ingakafiki.
UMnuz Msawakhe Mayisela okhulumela uMasipala weTheku, uthe bekunezingqinamba ezincane ezidalwe wukuthi umasipala ubulothisa abantu abaningi ngenxa yeCovid-19 kwaze kwaphela igesi.
Uthe iMobeni Heights Crematorium iqalile ukulothisa izolo.
Ubonge izakhamuzi ngokubekezela kwazo ngesikhathi umasipala usalungisa inkinga yokushoda kwegesi.
Uxolisile ngokuphazamiseka okudalekile wathi kababoni ukuthi kukhona okuzophazamisa ukusebenza kwale ndawo ngomuso.