Iphethe isitayela iMercedes-AMG CLA 45 S 4MATIC+
UKUTHANDWA kwezimoto ezingama-AMG eNingizimu Afrika akufakazelwa kuphela wukuthi ibalwa namazwe ahamba phambili ngokuyithenga kodwa uma uqhamuka ngayo amehlo athi njo kuyo.
IMercedes-AMG CLA 45 S 4MATIC+ iyawadonsa amehlo ngenxa yemibala egqamile, i-grill enkulu, amarimu amakhulu angu-19 inch, ukhakhayi oluba yisibaca ngemuva nezinqawe ezine.
Ngena ngaphakathi izihlalo ziyisikhumba. Angisheshe ngikuveze ukuthi ngemuva ungalindeli ukuhlala unethezeke ngoba isikhala asikho kangako futhi kumele ugade ikhanda uma ungena ungashayi. Ibhuthi kodwa udedangendlale wesikhala.
Ngaphambili kugqame i-screen seMBUX infotainment system ne-digital instrument cluster oyisethayo ukuthi ibukeke kanjani.
Kwi-infotainment system ubona yonke imininingwane yemoto, uxhume iselula, udlale umculo, ingemuva uma uhlehla nokunye.
Ezansi kune-touchpad yokulawula okuvelayo kodwa ukuze ungaphazamiseki uma ushayela, kunamabhathini asesiteringini enza okufanayo.
Isiteringi esimnandi esandleni njengoba sibuye sibe nesikhumba, sinamanye amabhathini e-cruise control ukusetha i-traction control nokusetha ukuthi imoto ihambe kanjani phakathi kukaSlippery,
Comfort, Sport, Sport +, Individual noRACE. Uma uyifake i-AMG RIDE CONTROL uyakwazi ukusetha i-suspension ukuthi ithambe noma iqine.
Injini ehamba ngayo ngentsha engu-2.0 litre turbocharged kaphethroli enamandla angu-310kW ne-torque engu-500Nm. Isukisa okwenhlamvu kwazise ukufika ku-100km/h kuyithatha imizuzwana emine kuthi ijubane elikhulu libe ngu-270 km/h.
Ngo-100km bathi idla amalitha kaphethroli angu-8.3 kodwa sihamba ngayo ibidla angu-11.
Ukuba sesiteringini yinto ejabulisayo. Ngaphandle nje kokuyisebenzisela ukuya emsebenzini nokufeza izidingo nokuyinto eyenza ngaphandle kwenkinga kodwa uma uthola umgwaqo othule ikushiya umamatheka.
Ikhona ilishaya ngaphandle kwencane inkinga ngenxa yokudonsa ngawo womane amasondo futhi injini no-gearbox oyi-8G dual-clutch transmission kusebenza kahle sengathi ungayiyeka izishintshele. Uma uthanda kodwa uyazishintshela emuva kwesiteringi.
Izinqawe ngemuva azihlobisile ngoba zikhipha umsindo okwenza ugcine usukhohlwa ukuvula umsakazo.
IMercedes-AMG CLA 45 S 4MATIC+ yimoto ephethe isitayela nejubane ezokushiya inhliziyo ithe cosololo emuva kokuyishayela. Intengo: R 1,257,000
Ifika ne-maintenance contract yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.