UPitso uhlawuliselwe ukugxeka e-Egypt
Kekugcineni. Uhla lwemidlalo e-Egypt luyinkinga." UMosimane, ovele usenuka iqaqa kubantu base-Egypt ngenxa yokudonsa kanzima kwe-Ahly esigabeni samaqoqo kwiChampions League kanjalo nakwiligi kule sizini, kungenzeka ukuthi usezidonsele amanzi ngomsele ngale nkulumo yakhe ebizwe njengekhombisa inzondo. Ngaphandle kukaMosimane, kuvele ukuthi namanye amalungu ethimba labaqeqeshi ahlawulisiwe ngenxa yezidubedube ezisuke koweZamalek. Umqeqeshi weSundowns, uRhulani Mokwena, uthe i-Ahly iyiqembu elihle.
"I-Ahly iyiqembu elihle kakhulu, eliqeqeshwe kahle. Uyabona ukuthi Iningi imali efakwe ekubumbeni ithimba labaqeqeshi. UPitso siyabazi ubukhulu bomsebenzi awenzayo THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook ngasese futhi lokho uyakubona (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma eqenjini, icacile indlela elidlala umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. ngayo, ibhola iliqala emuva. Kuzoba mnandi ukubona ukuthi lo mdlalo uzohamba kanjani. Sinomsebenzi, hhayi owokufika lapha e-Egypt sicanase enkundleni njengenjwayelo kodwa amaqhinga ethu kufanele asisebenzele," kusho uMokwena. Umdlalo womlenze wesibili uzoba ngoMeyi 22 kuleli.
UMosimane akubuzwa ukuthi abalandeli be-Al Ahly bazobe bebheke ukuthi afake iqembu kowandulela owamanqamu kwazise sebekhona abathi awumfanele lo msebenzi ngenxa yemiphumela yakamuva ehlukene.
UNGENZEKA ukuthi usezimbele ithuna e-Egypt umqeqeshi we-Al Ahly, uPitso Mosimane, ohlawuliselwe ukugxeka ukuhlelwa kwemidlalo yi-Egyptian FA maphakathi nesonto.
UMosimane, ohlawuliswe imali elinganiselwa ku-R18 000, ubeke amabala le nhlangano ngokubadlalisa umdlalo wabakhaya neZamalek ngesonto abazobhekana ngalo neMamelodi Sundowns kowomlenze wokuqala wama-quarterfinal eCAF Champions League. Umdlalo we-Ahly neSundowns uzoba se-Al Salam Stadium kusasa ngo-9 ebusuku.
Emuva kokudlala ngokulingana ngo 1-1 neZamalek ngoMsombuluko, uMosimane, uthe: "Ukuba kuya ngami, ngoba i-Ahly iyona kuphela iqembu elidlala kwiCAF Champions League elimele i-Egypt, besizoyivikela i-Ahly ingadlali umdlalo onzima njengoweZamalek. Ikakhulukazi ngoba iSundowns ihlehlise imidlalo yayo futhi iphumule. Kodwa kuyile ndlela okuyi yona e-Egypt. Kodwa ukwengezwa kosuku noma ukususwa kwalo ngeke kwenze sihlulwe kulo mdlalo. Iqiniso wukuthi izimo azifani. Uyabona ukuthi sehlile kancane