UMiddendorp ukhuthazwa womkhaya kwiligi
UMQEQESHI weMaritzburg United, u-Ernst Middendorp, ugqugquzelwa wukwenza kahle kwabakhaya baKwaZuluNatal, iLamontville Golden Arrows naMaZulu kwiDStv Premiership kule sizini.
ITeam of Choice izikhiphile esiphithiphithini sokulwela ukuvika izembe ngosuku lokugcina lwemidlalo, ngokwehlula i-Arrows ngo 3-2 maphakathi nesonto. Isendaweni ka-12 kwi-log ngamaphuzu angu28 emuva kwemidlalo engu-27.
IMaritzburg isidinga iphuzu kuphela ukuthi iqinisekise ukuthi ngeke isawela emsileni we-log lapho kuhlezi khona iBlack Leopards. IMaritzburg izovakashela iTshakhuma
Tsha Madzivhandila (TTM) emdlalweni weligi, kusasa ngo-3 ntambama ePeter Mokaba Stadium, eLimpopo.
ITeam of Choice yiyona kuphela eKZN esengcupheni yezembe. Abafana Bes'thende noSuthu basethubeni lokumela iNingizimu Afrika kwiCaf Champions League neCaf Confederation Cup ngokwehlukana ngesizini ezayo.
Emuva kokwehlula i-Arrows uMiddendorp, uthe: "Awekho amaphuzu angeziwe owatholayo (ngokuwina owabakhaya). Kodwa kwenyusa ukuzethemba KwaZulu-Natal. Ngincoma womabili amaqembu, AmaZulu ne-Arrows. Asendaweni enhle kakhulu kwiTop 8, 3, neTop 4 futhi benza umsebenzi oncomekayo.
“Akukho ukungabaza ngalokho. Thina sifuna ukusondela kubona sithi 'nathi siyiqembu laKwaZulu-Natal, senza umsebenzi omuhle'. Nathi sifuna ukukhombisa ukuthi siyiqembu eliqinile."
Ukuhluleka kwe-Arrows ukucosha amaphuzu agcwele imidlalo ilandelana, kuyibeke engcupheni yokuphunyukwa yithuba lokudlala kwiConfederation Cup kwazise isixinwe kanzima yi-Orlando
Pirates neSwallows. Kungenzeka Abafana Bes'thende babuyele enkundleni neTS Galaxy ngoLwesithathu, sebegudluziwe endaweni yesithathu. Lokhu kungenzeka uma iSwallows ingehlula iStellenbosch ngoLwesibili.
Emidlalweni emibili yokugcina yesizini, iMaritzburg izobhekana neCape Town City neSuperSport United. Emuva komdlalo neGalaxy, i-Arrows izosalelwa yiKaizer Chiefs neStellenbosch.