Umbuso ukulungele ukuqulwa kwelikaZuma
INHLANGANO yezokushushisa, iNational Prosecuting Authority (NPA), ithi ikulungele ukuqala kokuqulwa kwecala lenkohlakalo elibhekene nowayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma.
I-NPA isho lokhu nje kunongabazane ngokuqala kwaleli cala namhlanje eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngenxa yokuthi uZuma usanda kushintsha abameli bakhe.
Inkantolo ibikade ibeke ukuba leli cala liqale ukuqulwa namhlanje kuze kube maphakathi noJuni.
Kepha njengoba kusanda kugqabuka igoda phakathi kukaZuma noMnuz Eric Mabuza wenkampani yabameli, iMabuza Attorneys, nommeli omkhulu, u-Advocate Muzi Sikhakhane SC, izazi zomthetho ziqagela ukuthi leli cala lingaphinde lihlehle.
Yize kunjalo, okhulumela iNPA KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Kara, uthe bona bakulungele ukuqulwa kwaleli cala.
Unqabile ukuphendula imibuzo mayelana nongabazane oludalwe ngukushintsha kukaZuma abameli.
“Engingakutshela khona wukuthi umbuso ukulungele ukuqulwa kwecala. Akukho okunye ngaphandle kwalokho,” kusho uNkk Kara.
UZuma umangalelwe nenkampani yezikhali yaseFrance, iThales.
Abamangalelwa babhekene namacala enkohlakalo, ukukhwabanisa nokushushumbisa imali, ahlobene nesivumelwano sokuthengwa kwezikhali.
UZuma usolwa ngokufumbathiswa intshontsho yiThales, eyahlomula kule thenda yokuthengwa kwezikhali.
Owayengumeluleki wezezimali kaZuma, uMnuz Schabir Shaik, wagwetshelwa icala lenkohlakalo mayelana nale thenda.
Umbuso kulindeleke ukuba ubize ofakazi abangaphezu kuka200 ukuzofakaza kuleli cala.
Omunye walabo fakazi wuNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi, uNkk Patricia de Lille, okunguye owaqala ukuveza izinsolo zenkohlakalo kule thenda ngesikhathi kusanda kuthengwa lezi zikhali.
UNkk de Lille ukuqinisekisile engxoxweni ne-Independent Media, ukuthi nguye ongufakazi wokuqala wombuso.
Kulindeleke ukuthi abalandeli bakaZuma bahlangane ukuzokhombisa kwabo ukumeseka.
Ubuholi be-ANC KwaZuluNatal
bukuqinisekisile ukuthi nabo buzokube bukhona ukuzokweseka uZuma.
USihlalo we-ANC KwaZuluNatal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe bazoqhubeka nokweseka uZuma.
“Sisithathe ngamasibomu isizathu sokuqhubeka nokweseka uZuma ngenxa yezizathu zepolitiki. Isizathu sokuqala ngesokuthi siyazi ukuthi uZuma ube neqhaza elibalulekile esifundazweni ukulwa nobandlululo kanjalo nokwakha uxolo.
“Okunye wukuthi siyazi ukuthi kukhona abantu abazokuya enkantolo ukuyofeza izinhloso zabo.”