Isolezwe

Inkantolo izofuna izizathu zokuhoxa kwabameli

- INTATHELI YESOLEZWE

ABAMELI bowayengum­engameli wakuleli kumele bachazele inkantolo enkulu yaseMgungu­ndlovu namuhla ukuthi kungani bethathe isinqumo sokuthi bahoxe ekumeleni uZuma ecaleni lenkohlaka­lo abhekene nalo.

Ummeli uMnuz Mpumelelo Zikalala ekhuluma neNewzroom Afrika izolo, uthe inkantolo izodinga ukwazi izizathu zokuthi kungani abameli benqume ukuhoxa.

Uma kuyizizath­u ezithinta imali, inkantolo izofuna ukwazi ukuthi ngabe lokhu kwenzeke ngaphambi kokuthi beze enkantolo lapho kwavunyelw­ana khona ukuthi konke sekumi ngomumo ngecala noma emuva kwalokho.

Uthe uma kuwukuthi lesi sinqumo sithathwe emuva kokuthi abameli nenkantolo bavumelana ngokuthi konke sekumi ngomumo inkantolo ingakuphik­isa ukuhoxa kwabameli ngenxa yokuthi umthetho iLegal Practition­ers Act nemigomo yokuziphat­ha kwabameli ayikuvumel­i ukuthi kube khona okuzophaza­misa ukushesha kokuqulwa kwecala, inkantolo ingabanxus­a abameli ukuthi baqhubeke uma isizathu kungesemal­i kuphela.

Uthe kodwa uma kuwukuthi kukhona esinye isizathu okungaba ngesokuthi kababoni ngaso linye nabamumele okungenza ukuthi bangabe besakwazi ukumumela ngendlela efanele, inkantolo izobe isibuza uZuma ukuthi unabo yini abanye abameli abangamume­la.

UZikalala uthe kubaluleki­le ukuthi inkantolo ithole izizathu zokuhoxa kwabameli isebenzisa uhlelo lokuthola izizathu kummeli ngaphansi kukaSectio­n 342A weCriminal Procedure Act, ngoba ibisibeke isikhathi eside ukuze kuqale ukuqulwa kwaleli cala.

Inkantolo ifuna ukwazi ukuthi izizathu ziyabambek­a yini ngoba ibinganika ijaji elizokweng­amela icala elinye icala ukuthi ilenze ngalesi sikhathi noma inike abameli esinye isikhathi sokuthi ixazulule inkinga ekhona phakathi kwabo nabamumele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa