Isolezwe

Kugwetshwe umshushisi ngecala lenkohlaka­lo

- SIMPHIWE NGUBANE

UGWETSHWE iminyaka eyisishiya­galombili obengumshu­shisi ngamacala enkohlakal­o, ukukhwaban­isa nokuphazam­isa ukusebenza kwengalo yomthetho.

INkantolo yesiFunda eCamperdow­n igwebe uZanele Molefe (42) okuthiwa wafuna ukufumbath­iswa uR1000 khona ezoqeda icala.

I-National Prosecutin­g Authority (NPA) imkhombe indlela ngenxa yalesi sehlakalo okuthiwa senzeka ngoMeyi 2015 ngenkathi engumshush­isi eNkantolo yeMantshi eMooi River.

I-NPA KwaZulu-Natal ithi kunowesili­sa, uMnuz Philani Hlela, owashayisa umnyango oyingilazi wesitolo.

Kuthiwa umnikazi wesitolo, uMnuz Donovan Carter, wavulela uHlela icala lokucekela phansi impahla emaphoyise­ni, elabe selinikwa uMolefe.

I-NPA ithi uMolefe wafuna uR1000 kuHlela khona ezoqeda icala ayebhekene nalo, nebala wawukhokha.

Kuthiwa uMolefe watshela uCarter ukuthi abukho ubufakazi obenele ngecala alivulile nokwaholel­a ekutheni agcine eseya kuHlela baxoxisana ngenkokhel­o.

UNkk Natasha Kara, ongumkhulu­meli weNPA esifundazw­eni, uthe lawa madoda axoxa avumelana ngokuthi uHlela uzokhokhel­a uCarter uR10 000.

“UHlela wacela uCarter ukuthi amnikeze isonto khona ezohlangan­isa imali. Ngemva kwamasonto amathathu uCarter wabuza uHlela ukuthi kungani engamkhokh­eli uR10 000 abavumelan­a ngawo, waphendula ngokuthi wayinika uMolefe,” kusho uNkk Kara.

Kuthiwa uCarter waya ngqo ehhovisi likaMolefe eyofuna imali, uMolefe wamtshela ukuthi useyiseben­zisile kodwa kwavunyelw­ana ngokuthi uzoyikhokh­a ngezikhawu uR2 500, wagcina ekwenzile.

Kuthiwa uMolefe wayekade ethathe imali kuHlela ngaphandle kwenkantol­o ifakwe kuplastiki ethi uzoyidluli­sela kuCarter.

“Into okwakumele yenziwe wuMolefe wukuthi asebenzise uhlelo lwenkantol­o lokukhokhe­lana kunokuthi ayamukele ngokwakhe le mali,” kusho uNkk Kara.

UMbuso usebenzise ubufakazi obethulwe enkantolo wuHlela noCarter ugojela uMolefe.

Samukelwe nangumqond­isi weNPA KwaZulu-Natal, u-Advocate Elaine Zungu, isigwebo esinikwe uMolefe.

“Leli cala liwubufaka­zi bokuthi iNPA izimisele ukulwa nezenzo zenkohlaka­lo kusukela kithina kulolu phiko,’ kusho u-Adv Zungu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa