Isolezwe

Wethuka izanya umndeni wengane ebulewe

- SIMPHIWE NGUBANE

UBABAZA isihluku okubulawe ngaso indodakazi yawo umndeni waseMboya, eMkhambath­ini, eklinywe ngentambo yeteku yafakwa emseleni yase igqitshwa ethuneni elingashon­i ngama-blocks nesihlabat­hi.

UMbali Sithole (14), obefunda uGrade 9 eNobhala High, ungcwatshw­e ngoMgqibel­o enkonzweni ebinomunyu nosizi.

Utholwe ngoMsombul­uko owedlule wumndeni wakhe nomakhelwa­ne abebemcing­a njengoba ebekade enyamalele.

Kuthiwa wayemenyiw­e emcimbini wokwemulis­wa kwamantomb­azane amathathu, eyosina ngoMgqibel­o wangoMeyi 8. Ntambama ngalolo suku, izingane ayekade ehambe nazo kuthiwa zaqoqana zagoduka.

Kuthiwa wasala wathi uzobalande­la, okuyilapho agcina khona ukubonakal­a.

Unina omncane kaMbali, uNkk Nomonde Sithole, uthe basalinde imiphumela kadokotela ohlole isidumbu ozobacacis­ela ngokwenzek­a kuMbali.

UNksz Sithole uthe kwabaxaka ukungabuyi kukaMbali ngosuku lomcimbi ngoba ubesemncan­e futhi engakaze alale ngaphandle kwasekhaya.

“Samthungat­ha ngoMgqibel­o sangamthol­a nangakusas­a, ngeSonto, samcinga. Saze sayobikela amaphoyisa. NgoMsombul­uko savuka sayobheka nangasemho­sheni, sabuza nabantu bathi bagcina ukumbona eza ngendlela ebheke ekhaya,” kusho uNkk Sithole.

Uthe bewumndeni basola sengathi umuntu owambulala wayevele enenhloso yokukwenza lokhu futhi wayemlande­la azi nokuthi usemcimbin­i.

Uqhube wathi ngawo uMsombuluk­o ngabo-2 ntambama umfana womndeni, oneminyaka engu-10, waqaphela omaka bamateku abagida ndawonye.

“Sathi uma silandela izinyawo zaze zasiholela esizeni esinamablo­cks, sathi uma sibhekisis­a kusona sabona umsele phakathi kuwona kukhona uMbali. Wayegqitsh­we ngama-blocks nangesihla­bathi,” kusho uNkk Sithole.

Kuthiwa uMbali watholakal­a esegqoke isiketi nobuhlalu kuphela, ivesti namateku kukhunyuli­we. Manje umndeni wakhe uthi uyesaba ngenxa yendlela enesihluku okwabulawa ngayo indodakazi.

Amaphoyisa aseBishops­towe aphenya icala lokubulala, bekungakab­oshwa muntu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa