Wethuka izanya umndeni wengane ebulewe
UBABAZA isihluku okubulawe ngaso indodakazi yawo umndeni waseMboya, eMkhambathini, eklinywe ngentambo yeteku yafakwa emseleni yase igqitshwa ethuneni elingashoni ngama-blocks nesihlabathi.
UMbali Sithole (14), obefunda uGrade 9 eNobhala High, ungcwatshwe ngoMgqibelo enkonzweni ebinomunyu nosizi.
Utholwe ngoMsombuluko owedlule wumndeni wakhe nomakhelwane abebemcinga njengoba ebekade enyamalele.
Kuthiwa wayemenyiwe emcimbini wokwemuliswa kwamantombazane amathathu, eyosina ngoMgqibelo wangoMeyi 8. Ntambama ngalolo suku, izingane ayekade ehambe nazo kuthiwa zaqoqana zagoduka.
Kuthiwa wasala wathi uzobalandela, okuyilapho agcina khona ukubonakala.
Unina omncane kaMbali, uNkk Nomonde Sithole, uthe basalinde imiphumela kadokotela ohlole isidumbu ozobacacisela ngokwenzeka kuMbali.
UNksz Sithole uthe kwabaxaka ukungabuyi kukaMbali ngosuku lomcimbi ngoba ubesemncane futhi engakaze alale ngaphandle kwasekhaya.
“Samthungatha ngoMgqibelo sangamthola nangakusasa, ngeSonto, samcinga. Saze sayobikela amaphoyisa. NgoMsombuluko savuka sayobheka nangasemhosheni, sabuza nabantu bathi bagcina ukumbona eza ngendlela ebheke ekhaya,” kusho uNkk Sithole.
Uthe bewumndeni basola sengathi umuntu owambulala wayevele enenhloso yokukwenza lokhu futhi wayemlandela azi nokuthi usemcimbini.
Uqhube wathi ngawo uMsombuluko ngabo-2 ntambama umfana womndeni, oneminyaka engu-10, waqaphela omaka bamateku abagida ndawonye.
“Sathi uma silandela izinyawo zaze zasiholela esizeni esinamablocks, sathi uma sibhekisisa kusona sabona umsele phakathi kuwona kukhona uMbali. Wayegqitshwe ngama-blocks nangesihlabathi,” kusho uNkk Sithole.
Kuthiwa uMbali watholakala esegqoke isiketi nobuhlalu kuphela, ivesti namateku kukhunyuliwe. Manje umndeni wakhe uthi uyesaba ngenxa yendlela enesihluku okwabulawa ngayo indodakazi.
Amaphoyisa aseBishopstowe aphenya icala lokubulala, bekungakaboshwa muntu.