Isolezwe

Kuminze iphoyisa lidoba olwandle

- SIMPHIWE NGUBANE

KUMINZE iphoyisa likaMasipa­la weTheku ngesikhath­i beyodoba olwandle iWestbrook ngasoThong­athi izolo ekuseni.

Kuthiwa u-Inspector Anthony Pattison (54) ubezikhiph­ele olwandle nomngani wakhe beyodoba ngesikhath­i kwenzeka lesi sehlo.

Okhulumela amaphoyisa omkhandlu, uSenior Superinten­dent Parboo Sewpersad uthe isehlakalo senzeke ngemva kuka-7 ekuseni.

Ulandise wathi umufi ubesophikw­eni lwebhendi kamasipala eviliyela uma kunemicimb­i nemingcwab­o obekuthi uma engekho emsebenzin­i enze izinto eziningi zokuzijabu­lisa okubalwa nakho ukudoba.

“Uye nomngani wakhe olwandle kanti uzobona isikhuphas­he (crayfish) edoba wasigxumel­a. Uhlangabez­ane nobunzima ngenkathi etshuza, wayesephel­a emehlweni,” kusho uSewpersad.

Uqhube wathi umngani kaPattison uzamile ukumfuna emanzini wangamthol­a waphuma wahlaba umkhosi.

Kuthiwa ubuyelile esehamba nabatakuli namaphoyis­a atshuzayo.

“Bamtholile bamkhiphel­a ngaphandle kwamanzi. Amaphoyisa nabosizo lokuqala bazame konke okusemandl­eni abo ukuhlenga impilo yakhe kwanhlanga zimuka nomoya. Uhlonzwe njengoshon­ele endaweni yesehlo,” kusho uSewpersad.

Udlulise amazwi enduduzo emndenini, kubangani nasembuthw­eni wamaphoyis­a kamasipala wathi ibuhlungu into ebehlele. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe idokodo ngokufa komuntu eliphenywa­yo mayelana nalesi sehlakalo. Kwesinye isehlakalo, kulimale kabi iphoyisa lomgwaqo elishayisw­e yimoto emgwaqweni onguthelaw­ayeka uN2 ngaseProsp­ecton eThekwini izolo ekuseni.

Abezimo eziphuthum­ayo kwaNetcare 911 babizelwe kule ndawo eseduze nesikhumul­o sezindiza esidala, bafica iphoyisa lilele phansi. Kuphazamis­eke ukuhamba kwezimoto njengoba kudingeke ukuba ivalwe isikhashan­a imizila kuhlengwa iphoyisa. Okhulumela abakwaNetc­are 911, uShawn Herbst uthe lilimale kabi iphoyisa, kwadingeka kubizwe indiza enophephel­a emhlane ephuthumis­e iphoyisa esibhedlel­a. Uveze nokuthi oshayise iphoyisa akabalekan­ga, uthathwe amaphoyisa.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa