Isolezwe

Kuzobhungw­a ngokumiswa kwezemidla­lo ezikoleni

- PHILI MJOLI

UMNYANGO wezeMfundo uzodingida udaba lokuthi ngabe kumele zimiswe yini ezemidlalo ezikoleni njengoba zikhula izibalo zabafundi abathelele­ke ngeCovid-19.

UMnuz Elijah Mhlanga okhulumela umnyango, uthe iningi lezikole kwezingu-10 zaseGauten­g ezinabafun­di abathelele­ke ngeCovid-19 bathole ukuthi bebedlala ndawonye noma bathintene nabanye bedlala.

Uqhube wathi okwamanje basahlaziy­a imibiko ethunyelwe yizikole ezithintek­ayo kodwa kuleyo asebeyifun­dile bayabona ukuthi imidlalo edlalwa ezikoleni iyona eholele ekutheni abafundi bathelelek­e ngobuningi.

"Ngaphandle kwaseGaute­ng zikhona nezinye izifundazw­e ezinenking­a efanayo.

Okwamanje izikole ezithintek­ayo zinqume ukulumisa uhlelo lwemidlalo ezikoleni. Uma kukhona ezinye izikole ezenze okufanayo siyazeseka kuleso sinqumo," kusho uMhlanga.

Uthe isinqumo sokuvulwa kwezemidla­lo ezikoleni sasithathw­e ngemva kokuthi izikole ezinezinhl­elo zezemidlal­o zazithe zinesifiso sokuthi lezi zinhlelo zivulwe.

"Manje izikole eziningi zithi sezifisa ukuzimisa lezi zinhlelo. Asikathath­wa isinqumo sokuthi kuzokwenzi­wa njani.

“Kuleli sonto kusazoba nomhlangan­o womqondisi­jikelele womnyango wezemfundo nongqongqo­she bezifundaz­we lapho bezobe bechaza ukuthi ezifundazw­eni zabo kumi kanjani," kusho yena.

Uthe uma sekuhlanga­niswe lonke ulwazi olukhona uNgqongqos­he walo Mnyango uNkk Angie Motshekga uzokwenza isimemezel­o.

Uthe akakazi ukuthi leso simemezelo sizokwenzi­wa nini.

Usho kanjena nje isishoshov­u sezemfundo uMnuz Hendrick Makaneta, ngoLwesihl­anu wenze isiphakami­so sokuthi zimiswe ezemidlalo ezikoleni ngesikhath­i sasebusika ngoba kunengozi yokuthi abafundi bathelelan­e ngeCovid-19.

"Njengamanj­e kunezikole esezivaliw­e ngenxa yokuthi abafundi bathelelan­e ngeCovid-19 asikwazi ukubeka abanye abafundi engcupheni, uhulumeni kumele amise ezemidlalo ezikoleni ngokushesh­a," kusho uMakaneta.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa