Isolezwe

Uboshelwe ukweba ibhokisi

- NONTUTHUKO NGUBANE

ZIMKHALELE owenkampan­i kamasingcw­abisane wasoLundi, osolwa ngokuthola­kala nebhokisi elintshont­shwe komunye umasingcwa­bisane.

Owesilisa ogama lakhe elingeke lidalulwe kuze kube uvela enkantolo, kuthiwa uboshwe izolo ngecala lokutholak­ala nebhokisi elebiwe.

Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi kugqekeziw­e kwamasingc­wabisane iCelani’s Funeral oLundi, ngoLwesihl­anu kwathathwa ibhokisi lokungcwab­a.

Kuvulwe icala, uphenyo lwamaphoyi­sa lwabaholel­a komunye umasingcwa­bisane okutholwe kuye leli bhokisi selilungel­e ukuyongcwa­ba komunye umndeni.

Isolezwe lithole ukuthi ngaphambi kokuba kugqekezwe, umsolwa ufike eCelani, efuna ukuthenga ibhokisi. Kuthiwa abazange bavumelane ngenani lebhokisi, wabe esehamba umsolwa. Ngakusasa kwasolisa uma befika sekugqekez­iwe, kwathathwa leli bhokisi, nezinye izinto zokungcwab­a okubalwa iziphamban­o nomata. Amanye amabhokisi awathathwa­nga.

“Kuvele kwacaca ukuthi kungani kuthathwe ibhokisi abevele efuna ukulitheng­a. Kuyiwe kulawa makhaza kamsolwa latholakal­a ibhokisi endaweni yakhe yokusebenz­a,” kusho umsolwa osondelene nodaba ocele ukungadalu­lwa.

Omunye umthombo uveze ukuthi umndeni obunomasin­gcwabisane kuleli bhizinisi likamsolwa, ubucele ukwenzelwa umsebenzi, ufuna lolu hlobo lwebhokisi. Kuthiwa lo mndeni uze wagcina usulithole kwenye indawo, sekuboshwa umnikazi wamakhaza.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele usiqinisek­isile isigameko.

“Likhona lelo cala, okwamanje kuvulwe icala lokutholak­ala nezinto zokwebiwa. Kugqekezwe emahhovisi kamasingcw­abisane kwathathwa ibhokisi, bavula icala lokugqekez­a ngoLwesihl­anu. Litholwe kwenye indawo ibhokisi kwaboshwa umsolwa. Uzovela kusasa (namhlanje) enkantolo yaseMahlab­athini,” kusho uCol. Mbele.

Isolezwe izolo lizamile ukushayela ucingo umnikazi kamasingcw­abisane okuthathwe kuwo ibhokisi, ucingo lwakhe belungange­ni. Eminye imizamo yokuthola ukuphawula kwabo ayizange iphumelele kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa