Isolezwe

‘Maningi amathuba ezigaba eziphezulu zomvalelan­dlini’

- PHILI MJOLI

UKWENYUSEL­WA kwezwe ezigabeni zomvalelan­dlini eziphezulu yinto engeke igwemeke.

UNgqongqos­he wezeMpilo, uDkt Zweli Mkhize, ucashunwe kweminye imithombo yezindaba ethi maningi amathuba okuthi lokhu kwenzeke njengoba zilokhu zinyuka izibalo zabahaqwa yigciwane.

Ngeledlule izibalo zabahaqwe yigciwane zike zaba ngu-3000 ngosuku.

Uqhube wathi umkhandlu wongqongqo­she ababhekele­le iCorona, iNational Command

Council (NCC) oholwa nguNgqongq­oshe wezekuBusa ngokuBambi­sana uDkt

Nkosazana Dlamini Zuma nezinhlaka ezithintek­ayo, bazoba nomhlangan­o babonisane ngesinyath­elo okumele sithathwe ukuze kunqandwe ukusabalal­a kweCovid-19.

"Uma izibalo zikhuphuka izigaba zomvalelan­dlini zizokwenyu­swa, uma zehla kuzoxegisw­a," kusho uMkhize.

Seziqalile neziphakam­iso zokuthi uhulumeni ubheke ukuthi ngeke yini kumiswe ukudayiswa kotshwala nogwayi ngoba kunenkolel­o yokuthi kunomthele­la ekutheni abantu bathelelan­e ngegciwane.

Abemboni yabadayisa utshwala kuleli, iSouth African Liquor Brandowner­s Associatio­n (Salba) neVinpro, bathe uma uhulumeni enganquma ukumisa ukudayiswa kotshwala futhi uzobe ebeka engcupheni imisebenzi engu-200 yabasebenz­a kule mboni.

UMnuz Sibani Mngadi, weSalba, uthe uhulumeni akakaze aziveze izizathu ezibambeka­yo zokuthi kungani evala ukuthi utshwala budayiswe, ababutheng­ayo babuphuzel­e emakhaya.

Ngeledlule iKhabhinet­hi yelule isikhathi sokuthi izwe lithathwe njengelibh­ekene nenhlekele­le nokuzophel­a ngoJuni 15.

UNdunankul­u waseGauten­g, uMnuz David Makhura, umemezele ukuthi sesiqalile isivunguvu­ngu sesithathu kulesi sifundazwe.

I-National Institute for Communicab­le Diseases (NICD) ngeledlule imemezele ukuthi iFree

State ingesinye sezifundaz­we isivunguvu­ngu sesithathu esesifikil­e kuyo nakuba izinombolo zabahaqwa yiCorona zingakafin­yeleli esibalweni esibekiwe esisho lokhu kodwa ukwenyuka kakhulu kwezibalo zakhona sekukhomba khona.

Izibalo zakamuva zabahaqwe yiCovid-19, ezikhishwe wuMnyango wezeMpilo kuleli ngoMgqibel­o, zikhomba ukuthi bangu-2 750 abantu abahaqwe yigciwane emahoreni angu-24 okuholele ukuthi isibalo sabahaqiwe senyukele ku-1 611 143. Ababulewe yizifo ezisondele­le kulesi sifo ngesikhath­i esifanayo bangu-59 okuholele ekutheni isibalo sabahaqwe yigciwane senyukele ku-55 183, kubo abangu-20 bashone eGauteng, abangu-18 abaseNorth­ern Cape, abayisishi­yagalombil­i abaKwaZulu-Natal, abayisithu­pha abaseWeste­rn

Cape, abahlanu abaseFree State, eMpumalang­a kushone ababili.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa