Isolezwe

I-ANC izobhunga ngecala elifakwe nguMagashu­le

- SABELO NSELE

UBUHOLI obuphezulu be-ANC buzohlanga­na namhlanje, buzobhunga ngecala elifakwe enkantolo nguNobhala jikelele wenhlangan­o osamisiwe, uMnuz Ace Magashule.

UMagashule ufake amaphepha eNkantolo eNkulu eGoli, lapho ephonsa inselelo ngesinqumo sokumiswa kwakhe njengonobh­ala jikelele wenhlangan­o. Wamiswa emva kokuthi kuphele umnqamulaj­uqu wezinsuku ezingu-30, ayezinikez­iwe nabanye abaholi ababhekene namacala, ukuba bashenxe ezikhundle­ni.

Ubhekene necala lenkohlaka­lo ngethenda kaR250 million yokulungis­wa kophahla lwezindlu ezifulelwe ngetsheboy­a, eyakhishwa ngesikhath­i esengundun­ankulu eFree State.

Namhlanje ubuholi obuphezulu benhlangan­o okunguMeng­ameli Cyril Ramaphosa, iPhini likamengam­eli uMnuz David Mabuza, uSihlalo kazwelonke uMnuz Gwede Mantashe, iPhini likanobhal­a jikelele uNkk Jessie Duarte noMgcinima­fa uMnuz Paul Mashatile, buzoba nomhlangan­o lapho buzobhunga ngodaba.

Okhulumela i-ANC, uMnuz Pule Mabe, ukuqinisek­isile ukuthi kuzoba nomhlangan­o.

“I-ANC iwabonile amaphepha asenkantol­o afakwe ngunobhala jikelele osamisiwe, uMnuz Ace Magashule. I-ANC izokusho ngoMsombul­uko (namhlanje) emva komhlangan­o wezikhulu eziphezulu ukuthi izoya kanjani phambili. Angifuni ukufaka umbono wami kulokhu.”

UMagashule ufuna inkantolo ichithe ukumiswa kwakhe njengonobh­ala jikelele wenhlangan­o. Emaphephen­i asenkantol­o, uMagashule uthi umgomo we-ANC wokuthi abaholi ababhekene namacala kufanele bashenxe ezikhundle­ni, awukho emthethwen­i.

Ufuna nokuthi inkantolo ichithe umyalelo we-ANC wokuthi kufanele axolise ngokubhala incwadi emisa uRamaphosa emsebenzin­i. Ngesonto eledlule isigungu esiphezulu se-ANC samnqumela ugwayi katiki uMagashule, ukuba axolise ngokubhala le ncwadi yokumisa uRamaphosa emsebenzin­i sathi wayengenal­o igunya lokuyibhal­a.

Ubekade eyalelwe ukuba axolise lungakaphe­li usuku lwangoLwes­ithathu ngesonto eledlule, kepha wawushaya indiva umyalelo. Le ncwadi uMagashule wayibhala emva kokuba kuputshuke incwadi emisa yena emsebenzin­i.

Ngokwamaph­epha asenkantol­o, uMagashule ufuna udaba lulalelwe ekuqaleni kukaJuni. Kula maphepha uthi udaba luyaphuthu­ma, uxwayisa ngokuthi kungaba nodlame uma lungase lungalalel­wa ngokushesh­a.

Abalandeli bakhe sebeqalile ukubamba imihlangan­o bebhunga ngokuwupho­nsela inselelo lo mthetho wokuthi abaholi ababhekene namacala bashenxe ezikhundle­ni. NgoMgqibel­o bebehlange­ne esifundazw­eni iFree State, lapho bezwakalis­e ukungahamb­isani nomthetho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa