Kwehliswe isabelomali sasendlunkulu
KWEHLISWE isabelomali esabelwa isikhwama sikahulumeni esibhekelele izidingo zeNdlunkulu kaZulu, iRoyal Household Trust.
Lesi sikhwama sabelwe uR66 million kulo nyaka wezimali, owehliswe ngoR5 million usuka kuR71 million esabelwa wona ngonyaka wezimali owedlule.
Lokhu kuhlaluke ngoLwesihlanu ngesikhathi uNdunankulu waKwaZuluNatal, uMnuz Sihle Zikalala, ethula isabelomali sehhovisi lakhe, esiShayamthetho sesifundazwe.
Lesi sabelomali uZikalala usethule emva kosuku ehlangene neSilo esisanda kuqokwa, uMisuzulu kaZwelithini, KwaNongoma, ngoLwesine.
I-Royal
Household Trust ingaphansi kwehhovisi likandunankulu.
Echaza ngalo R66 million owabelwe iRoyal Household
Trust, uZikalala uthe le mali izosetshenziswa ukuhlela imikhosi yaminyaka yonke eyahlukene okubalwa kuyo uMkhosi woMhlanga, uMkhosi weLembe noMkhosi weSivivane.
Uthe njengoba kunobhubhane iCorona, iningi lale micimbi izokwenziwa kusetshenziswa ezobuchwepheshe.
Nakuba sehlisiwe isabelomali sendlunkulu, uZikalala uthe uhulumeni wesifundazwe uzimisele ukweseka indlunkulu.
“Njengohulumeni waKwaZulu-Natal, sikulungele ukweseka indlunkulu ngalokho okufanele siyeseke ngakho. Umthetho waKwaZuluNatal, olawula izindaba zobuholi bomdabu kanye nokuphatha, ukubeka kucace ukuthi iSilo siyabusa KwaZulu-Natal.”
UZikalala uthe luzomenyezelwa maduze usuku okuzogcotshwa ngalo ngokusemthethweni iSilo.
Uthe lokhu kugcotshwa ngokusemthethweni kweSilo kuzokuba yingqophamlando njengoba ethe kuzohlanganiswa nokuhlonipha iSilo esisanda kubuza, uZwelithini kaBhekuzulu, obezobe egubha iminyaka engu-50 esesihlalweni sobukhosi ekupheleni kwalo nyaka.
“Lokhu kuzokuba wukugcotshwa ngokusemthethweni kweSilo kokuqala esikhathini eside yingakho sizokuhlanganisa nokuhlonipha iSilo, uZwelithini kaBhekuzulu, obezohlanganisa iminyaka engu-50 esesihlalweni sobukhosi kulo nyaka.”
Khonamanjalo indlunkulu ibambe umhlangano wayo wokuqala selokhu kwaqokwa iSilo, ngoLwesihlanu.
Kuthiwa abebehambele lo mhlangano bazwakalise ukuseseka iSilo.