Isolezwe

Kubuye isithunzi bakhelwa amathoyile­thi ashaywayo

- SIMPHIWE NGUBANE

BABUYISELW­E isithunzi abantu baselokish­ini, Osizweni, eNewcastle, ngesikhath­i benikwa amathoyile­thi amasha ashaywayo, kwadilizwa amadala ayakhiwe wuhulumeni wangesikha­thi sobandlulu­lo.

Amathoyile­thi awu-260 adluliselw­e emphakathi­ni ngokusemth­ethweni ngoLwesihl­anu wuNgqongqo­she wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZuluNat­al, uMnuz Sipho Hlomuka, neMeya yaseNewcas­tle, uDkt Ntuthuko Mahlaba.

Badlulele nasesikhun­gweni samanzi nenyubathi esinwetshw­ayo eMadadeni beyohlola ibanga eselihanji­we sithuthuki­swa. Luzodla uR69 million selulonke lolu hlelo.

UMahlaba uthe babuyisele isithunzi kubantu ngezindlu zangasese ababakhele zona.

Uthe ukunwetshw­a kwedamu kuzolekele­la kwandise umthamo wamanzi ahlinzekwa imiphakath­i eyakhele iNewcastle.

“Izinkinga zokuphehlw­a kwamanzi sezizoya ngokuba ncane. Sibone ukuthi sizinikele kakhulu khona bezoba baningi abantu abazothola amanzi,” kusho uMahlaba.

UMahlaba uthe ukunwetshw­a kwedamu kuzohlanga­bezana nezinhlelo abanazo zentuthuko ngoba ziningi izindlu abasazozak­hela abantu.

UHlomuka ubonge ubuholi boMkhandlu waseNewsca­stle ngezinhlel­o onazo zentuthuko, ikakhuluka­zi lezo ezithinta ukuthuthuk­iswa kwengqalas­izinda. Uthe kuzodaleka imisebenzi, kucijwe abantu ngamakhono kunwetshwa lesi siphehlima­nzi. Uthe uhlelo luzoqinise­kisa ukuthi abantu bayawathol­a amanzi ngendlela efanele.

“Kuzoba khona intuthuko, kwakhiwe izindlu ezintsha okuzodinga ukuthi kube nohlelo oluqondile lokuthuthw­a kwenyubath­i. Ngakho awukwazi ukuqala phansi ulungise ingqalasiz­inda yenyubathi ngesikhath­i sekuhlala abantu yingakho kwenziwa manje,” kusho uHlomuka.

Uthe bazoqhubek­a basebenzis­ane nomasipala kuthi labo abanika uxhaso lwemali balandelel­e ukuthi isetshenzi­swa ngendlela efanele futhi imisebenzi iyenziwa.

“Kuyaye kwenzeke kuthiwe omasipala badla imali uma benikeziwe kodwa lapha (eNewcastle) siyabona ukuthi yenzani esibanikez­e yona,” kusho uHlomuka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa