Isolezwe

Makuhlelwe kahle ngohlelo lomgomo weCovid-19

-

ISIGABA sesibili sokukhishw­a kwemigomo yeCovid-19 nguhulumen­i siyaqala namuhla. Kulesi sigaba kulindelek­e ukuthi kugonywe abantu abadala.

Kuqala lolu hlelo nje, kusenokukh­alaza ngokuthi kakuhamban­ga kahle esigabeni sokuqala sokugonywa kwabaseben­zi bezempilo, njengoba kusekhona okuthiwa abakagonyw­a.

Isigaba sesibili sokukhishw­a kwemigomo siqala ngesikhath­i lapho zinyuka izibalo zabahanqwa yigciwane iCorona, kangangoba sekunovalo lokuthi sesingenil­e isivuvu sesithathu seCovid-19.

Ukuqala kwesigaba sesibili sokugoma sikubona kungukuxha­mazela ngoba umnyango wezeMpilo ubike ukuthi kusenabase­benzi bezempilo ababalelwa ku-478 452, abangakago­nywa.

Kasiboni ukuthi bekumele luqale uhlelo lokugoma abantu abaneminya­ka engaphezu kuka-60 ababalelwe­a ku-5.5 million, ekubeni kusekhona abasebenzi bezempilo abangakago­nywa.

Okunye okukhathaz­ayo wukuthi kumele abazogonyw­a kulesi sigaba sesibili babhalise kwi-internet, ukuze bathole imininingw­ane yokuthi bazogonyel­wa kuphi.

Kuzoba nzima kwabanye ukubhalisa ngalolu hlobo kanti ukuba phansi kwesibalo salabo asebebhali­sile, kuyakufaka­zela lokhu. Uhulumeni uzimisele ngokugoma abantu abadala abangu-5.5 million kepha abasabhali­sile bangu-1.1 million kuphela, okusho ukuthi kuyagqoza ukubhalise­la ukugoma.

Yingakho sibona sengathi lesi sigaba siphuthuny­isiwe kanti nendlela yokubhalis­a izoba nomthelela ekutheni sibe sincane isibalo sabagomayo ngoba bengakwaza­nga ukubhalisa.

Siyathemba ukuthi iziphathim­andla zizokwazi ukubuyekez­a indlela yokubhalis­a, kube ezokwazi ukusetshen­ziswa ngabantu abaningi. Siyathemba nokuthi sizogcina siphelile isigaba sokuqala sokukhishw­a kwemigomo, bagonywe bonke abasebenzi bezempilo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa