Isolezwe

Izingxoxo zamaholo mazingapha­zamisi e-Eskom

-

IZINHLELO zokuphendu­la i-Eskom nokushints­ha imithetho ephatha ukuphehlwa kukagesi zibaluleki­le kakhulu ezinhlelwe­ni zokuguqula izikhungo okwathenji­swa wuMengamel­i Cyril Ramaphosa.

Njengoba i-Eskom inezingxox­o zamaholo nabasebenz­i, uhlelo lwezinguqu­ko lungacishe luphazamis­eke. I-Eskom kumele ihlukanisw­e ibe yizinkampa­ni ezisemthet­hweni ezintathu ezizoba ngaphansi kwebhodi elikhulu le-Eskom Holdings.

Izingxoxo ngamaholo zaphambili­ni zaluphazam­isa lolu hlelo njengoba kwakunezin­solo zokuthi ezinye zezisebenz­i zakwa-Eskom zathikamez­a ukusebenza kwe-Eskom, okwanciphi­sa umfutho wabaphathi ngohlelo lwezinguqu­ko. Akufanele izisebenzi ze-Eskom zivunyelwe ukuluphaza­misa futhi uhlelo ngokusabis­a ngokuphaza­misa ukuphehlwa kukagesi, okungahole­la ekunqanyul­weni kukagesi okuzochaph­azela ezomnotho nezepoliti­ki.

Ziqala izingxoxo izisebenzi ziphakamis­e ukuthi isilingani­so sokukhuphu­la amaholo sibe ngu15%. Lesi siphakamis­o sifike i-Eskom ibhekene nenkinga yokungange­ni kahle kwemali ngenxa yesimo seCovid-19 esibange ukwehla kwezinga lokuthengw­a kukagesi.

Yize lehlile inani likagesi othengiswa­yo, iyehluleka i-Eskom ukuphehla ugesi owanele. Noma izinyunyan­a zingagcina zehlisa ngohhafu iziphakami­so zazo, isimo semali e-Eskom asivumi ukuthi ingakwazi ukukhokha leyo mali kubasebenz­i njengoba izindleko ezingaguqu­ki zilokhu zikhuphuka futhi i-Eskom inesikwele­tu esikhulu sikaR450 billion esidinga ukuhleshul­wa ngoR29bn ngonyaka.

Ukuze i-Eskom ikwazi ukuzimela, ihlosa ukuba nenzuzo ka-35%.

Iziphakami­so zabasebenz­i ziphinde zingahambe­lani nesimo somnotho osadonsa kanzima kulesi sikhathi seCovid-19. Amabhizini­si amaningi ehlise amaholo, amanye achithe izisebenzi kwaba khona athinteke kabi kakhulu agcine esevala.

Ngokombiko weStats SA bangu-500 000 abalahleke­lwe yimisebenz­i phakathi kukaDisemb­a 2019 noDisemba 2020.

Uma le nkampani kahulumeni ecwilayo inganyusa amaholo ngezinga eliphezulu, kungaba yisenzo esibonakal­a engathi i-Eskom ayinendaba nesimo somnotho.

Kumele uhulumeni aseke ibhodi nabaphathi bayo i-Eskom kulezi zingxoxo zamaholo esilindele ukuthi zishube. Uma kuhlolisis­wa kahle ukuguqulwa kwe-Eskom, kuyacaca ukuthi kugxile endabeni yabasebenz­i okuyinto efanele.

Phakathi konyaka odlule, umphathi omkhulu we-Eskom, u-Andre de

Ruyter, echazela amalungu eBusiness Leadership SA wathi ukuguqula i-Eskom kuxhumene kakhulu nabasebenz­i nokusebenz­a kwabo.

Echaza wathi, “Sivuselele ukwazisa indlela yokuziphat­ha kwabaseben­zi be-Eskom njengokuph­epha nobuqotho okuyizinto ebesezinga­nakiwe. Siyazama futhi ukuthi singabi nezimfihlo nokuthi sisebenze ngokushesh­a. Ukukhuthaz­a izisebenzi ezenza kahle, sigade ukubona abenza kahle hhayi abangenzi kahle kuphela; ukwazisa abasebenza ezingeni eliphezulu futhi sesiqale uhlelo lwebhonasi yokukhiqiz­a ukuhlomuli­sa abasebenzi, hhayi abaphathi kuphela. Kubaphathi abakhulu, sesibheka amazinga okusebenza komuntu ngamunye. Sikubona kuyindlela engcono futhi ngeke kwandise izindleko ngoba silindele ukuthi imali yokuklomel­isa abasebenza ezingeni eliphezulu izophuma kule ebikhokhel­wa abangasebe­nzi kahle.”

Lezi zinyathelo zikhuthaza ukwakha ubudlelwan­e obuhle phakathi kwabaphath­i abakhulu nezisebenz­i ezingaphez­ulu kuka-44 000 e-Eskom. Le nkampani ibishintsh­ashintsha abaphathi kulesi sikhathi esedlule okuphazami­se ubudlelwan­e.

Uhulumeni ukhiphe i-Integrated Resource Plan ewuhlelo lokuguqula ukuphehlwa kukagesi kule minyaka engu-10 ezayo. Ukuphehlwa kukagesi ophakathi kuka-8 000MW no-10 000MW ngamalahle kuzoguqulw­a. Kubaluleki­le ukuthi abaphathi be-Eskom nabasebenz­i nabo baqale ekhasini elisha kulo msebenzi wokubambis­ana. Lezi zingxoxo zamaholo zingaba yisigaba sokuqala kuleli khasi elisha. Ayikho indawo yokukhulum­a ezepolitik­i kulolu hlelo lokuphendu­la i-Eskom; kufuneka wonke umuntu abhekane namaqiniso esimo.

I-Eskom ayisakwazi ukuqhubeka ngaphandle kokuphendu­lwa futhi ukuze i-Eskom ibe namandla okuzimela, akumele igqilazwe ukukhushul­wa kwamaholo. Izinyunyan­a ziqinisile uma zibeka izinsolo kubaphathi baphambili­ni be-Eskom ukuthi yibona abayimbang­ela yobunzima obukhona manje e-Eskom kodwa lokhu akusizi ukuxazulul­a izinkinga i-Eskom ebhekene nazo. Ukuphendul­a i-Eskom yikona okusemqoka futhi sithemba ukuthi izingxoxo zamaholo ngeke zikucekele phansi lokho.

UBusi Mavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership SA

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa