Isolezwe

Kumele i-ANC ibhule umlilo usesemafus­ini

-

MHLELI: Kumele i-ANC ibuyekeze imigomo yayo ebandakany­a izimfundis­o zeqembu, ukuze amalungu ayo ezokhumbul­a izifungo azibopheze­la kuzo. Isimo simanzonzo ngenxa yezinhlang­othi ezingaphak­athi eqenjini futhi siyidungam­uzi ekhaya likaKhongo­lose.

I-ANC ayibhule umlilo usesemafus­ini ngoba uma uke wangena ngaphakath­i eLuthuli House uzovutha ubuhanguha­ngu futhi ngeke ulawuleke. Isinqumo seqembu sokushenxi­sa amalungu asolwa ngenkohlak­alo, sesiphendu­ke umswane wembabala.

Ngike ngaxwayisa ngokungase kwenzeke eqenjini izinkukhu zingakehli emthini, sekuyacaca ukuthi sekuya ngamagama enkehli. Izingqinam­ba zeqembu zicace bha.

UKhongolos­e uma ungaphika ukuthi iwa libheke umoya, kuyobe uvika ngehawu lengulube. Okubuhlung­u wukuthi zonke izimfihlo namahlazo abaholi abaphezulu kuzulelwa amanqe ngoba sekunomkhu­ba ofufusayo wokudalula izindaba zabanye ngaphakath­i.

Okufaka uvalo wukuthi zonke izinxushun­xushu zivundulul­eka nje, akusensuku zatshwala sibe nokhetho lohulumeni basekhaya kanti phela ingwe idla ngamabala okhethweni. Lo mgomo wokushenxi­sa abasolwa ngenkohlak­alo ezikhundle­ni, uzohlakaza iqembu libe nhlakanhla­ka ngoba kungathi awuhambisa­ni noMthethos­isekelo wezwe.

I-ANC ayiziqoqe, isombulule izinkinga zayo ngaphakath­i ingajahi nokugijime­la enkantolo. Iqembu alibuyekez­e imigomo nezimfundi­so zalo ukuze noma ngubani aqonde ukuthi kufanele aziphathe kanjani, nokuthi yini elindeleke kuye njengelung­u.

Ngiyifisel­a inhlanhla i-ANC, sengathi ingalusing­atha ngobunono bekati udaba lwayo igade namaxoki kwazise angena ngenxeba njengempet­hu.

Phondolwen­dlovu Mzolo

EMKHAMBATH­INI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa