Isolezwe

Kuvulwe isikhungo sezicisham­lilo eVerulam

- SIMPHIWE NGUBANE

SEBEZOBIZW­A basabele eduze abezicisha­mlilo ngemva kokuvulwa kwesikhung­o sezicisham­lilo ngokusemth­ethweni eVerulam, eThekwini, ngoMgqibel­o.

Udle uMasipala weTheku uR27 million umsebenzi wokwakhiwa kwalesi sikhungo.

Lo mkhandlu uthi kuzosizaka­la kakhulu abantu abakhele iVerulam okubalwa kubo abaseCanel­ands, isikhumulo sezindiza iKing

Shaka, iCornubia,

Phonenix nasoThonga­thi.

IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi

Kaunda, okuyiyona evule le ndawo, ithe imiphakath­i izosizakal­a ngokuphazi­ma kweso uma kuvela izehlakalo ezidinga kucinywe umlilo kutakulwe.

UKaunda uthe abasebenzi balesi sikhungo esisezinge­ni eliphezulu, bazohlenga impilo yabantu ngoba bazinikele kulo msebenzi

Uqhube wathi abasebenzi balesi sikhungo banolwazi olunzulu ngalo msebenzi futhi ukuqeqeshw­a kwabo kusezingen­i eliphezulu.

“Kuzohlomul­a abantu namabhizin­isi akhele lezi zindawo ngosizo olubalulek­ile oluzohlinz­ekwa yilesi sikhungo.

Asiqedile ukusakha ngoba kusazodlul­elwa kwezinye izigaba, kumele kube khona konke okudingeka­yo.

Selokhu siqalile ukusebenza lesi sikhungo sikwazile ukungenele­la ezehlakalw­eni ezingu-54,” kusho uKaunda.

Uthe ngesikhath­i sikahulume­ni wobandlulu­lo indawo efana nalena ubungeke uyithole eVerulam, ePhoenix, eNanda, KwaMashu naseNtuzum­a ngoba bekuyizikh­ungo ezibekelwe abantu abambalwa kuphela.

Uthe bayazigqaj­a bewumasipa­la ngoba bayishints­hile impilo yabantu.

“Kunezimoto eziwuhlobo oluhle, ezinobuchw­epheshe besimanje obubalulek­ile ukuze zikwazi ukufinyele­la ngesikhath­i noma yikuphi lapho zibizelwa khona izehlakalo zokucinywa komlilo,” kusho uKaunda.

Unxenxe umphakathi ukuba uqinisekis­e ukuthi usigcina sisemeni esihle lesi sikhungo athe umkhandlu ususidluli­sele ezandleni zawo.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? SIDLE uR27 million isikhungo sezicisham­lilo esivulwe ngokusemth­ethweni wubuholi bukaMasipa­la weTheku
Isithombe: SITHUNYELW­E SIDLE uR27 million isikhungo sezicisham­lilo esivulwe ngokusemth­ethweni wubuholi bukaMasipa­la weTheku
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa