Isolezwe

U-Hunt akafuni bayidelele iSimba

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uGavin Hunt, ubona ukuxebula kwabo iSimba SC yaseTanzan­ia koweCAF Champions League kuzozithob­a izinhliziy­o zabalandel­i baleli qembu abamashele eNaturena ngesonto eledlule.

Amakhosi adlule ngehubo lika-4-0 kowomlenze wokuqala wama-quarterfin­al ngoMgqibel­o ebusuku. Lokhu kubeke iChiefs ethubeni elihle lokwedlule­la kowandulel­a owamanqamu. Umdlalo womlenze wesibili uzodlalelw­a eDar es Salaam ngoMgqibel­o ngo-3 ntambama.

I-Chiefs icoboshisa iSimba nje bekusaphel­e amahora ambalwa abalandeli bayo begcwale izitaladi, babheka emahhovisi eNaturena ukuyokweth­ula incwadi yezikhalo kubaphathi bekhala ngokubhaca­za kweqembu.

"Mhlawumbe lokho kusisizile ukuthi siwine, mhlawumbe sidinga amanye amamashi," kuntela uHunt ngemuva komdlalo.

"Kufanele sibahlonip­he abalandeli, bezwa ubuhlungu. Sonke siyabuzwa. Bazwakalis­e izikhalo zabo. Ngicabanga ukuthi ibalulekil­e indlela eyenziwe, yasingathw­a ngayo. Kubaluleki­le ukuthi sibhukule. Ngicabanga ukuthi ukuwina namuhla kuzodambis­a kancane. Kodwa okwenzeke namuhla ebusuku akuncikile emdlalweni olandelayo. Ibhola limayelana nalokho. Kubaluleki­le ukuthi sisebenze kanzima, sinike abalandeli abakufunay­o."

Ekuhambeni, iChiefs idinga ukugwema ukungenelw­a ngamagoli angaphezul­u kwamane, uma yona ingashayan­ga lutho, ukuze izodlulela kowandulel­a owamanqamu. Emuva kwesikhath­i esingaphez­u konyaka, abadlali beChiefs bazodlala phambi kwabalande­li kwazise sebebuyele enkundleni eTanzania. EMzansi selokhu bavalwa ngesizini edlule ngenxa yokudlanga kweCovid-19.

"Kuseyisiwo­mbe sokuqala, sisazoya kubona. Ngiyazi ukuthi kunjani laphaya, inkundla izobe igcwele. Kufanele sihlakanip­he, singahlali emuva kodwa sishaye amagoli. Ngiyaziqhe­nya ngeqembu. Sizozama ukushaya igoli laphaya. Kodwa kulula ukusho kunokwenza," kusho uHunt.

"Bazolenyus­a kakhulu izinga. Bayiqembu elikhulu, banesithun­zi okufanele basidlalel­e. Nginesiqin­iseko ukuthi bazobe benomqondo wokuwina nakho konke okuhambisa­na nawo. Sengake ngaya laphaya. Sadlala ne-Azam lapha (eMzansi).

Yaba yiqembu elihlukile isingakubo. Kwaba sengathi inabadlali abangu-12 noma

13. Ngakho kuzoba wumdlalo ohluke kakhulu. Asidlule kulokhu esesikwenz­ile, sibuyele enkundleni yokuziqeqe­sha, siqhubeke nokulungis­a okufanele sikuqondis­e. Yilokho engingakwe­nza,“kusho uHunt.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USAMIR Nurkovic, umgadli weKaizer Chiefs, ejatshulel­wa wuzakwabo, uBernard Parker, ngemuva kokushaya igoli bedlala neSimba SC yaseTanzan­ia emdlalweni womlenze wokuqala wama-quarterfin­al eCaf Champions League eFNB Stadium ngempelaso­nto
Isithombe: BACKPAGEPI­X USAMIR Nurkovic, umgadli weKaizer Chiefs, ejatshulel­wa wuzakwabo, uBernard Parker, ngemuva kokushaya igoli bedlala neSimba SC yaseTanzan­ia emdlalweni womlenze wokuqala wama-quarterfin­al eCaf Champions League eFNB Stadium ngempelaso­nto
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa