Isolezwe

I-Downs iphuce iBucs iqatha emlonyeni

- STHEMBISO NGOBESE

IMAMELODI SUNDOWNS ingene ngembobo yenaliti emidlalwen­i eyandulela owamanqamu kwiDStv Diski Challenge Rewired ngesikhath­i iguqisa ngo 1-0 i-Orlando Pirates emdlalweni obuseLucas Moripe Stadium, ePitoli izolo ntambama.

Igoli elinqobise abafana abancane bamaBrazil­ians abaqeqeshw­a nguSurpris­e Moriri, libekwe enethini nguMsawenk­osi Mdluli ngomzuzu ka-96 esikhathin­i somusa kanompempe.

Kufanele ukuthi namanje lapho ekhona u-Elson Sithole ongunozint­i weBucs uyazisola ngesenzo sakhe sokuchitha isikhathi singekho isidingo nokuholele ekutheni unompempe engeze isikhathi ebesesivel­e siphelile nokwenze ukuthi iDowns igcine ithole igoli elimqoka eliyiweze ngelibanzi.

Ukunqoba kweSundown­s lapha kuyenze yahlala endaweni yesibili kuGroup B ngamaphuzu angu13 emidlalwen­i eyisikhomb­isa. IChiefs iqhwakele phezulu kuleli qoqo ngamaphuzu angu-18.

Emdlalweni owandulela owamanqamu, iSundowns izobhekana neCape Town City yona eqede phezulu kuGroup A ngamaphuzu angu-14. IChiefs izobhekana naMaZulu FC alale isibili kuGroup A ngamaphuzu angu-13.

Imidlalo eyandulela owamanqamu izokuba ngoMgqibel­o enkundleni esazomenye­zelwa yiPremier Soccer League (PSL).

Ukungena emdlalweni weDowns neBucs. Uqale ngegiya eliphezulu kodwa eZimnyama kuyizona ebezingaph­ezulu ngomdlalo njengoba bezifika kuvalwe amehlo emapalini amaBrazili­ans abegadwe ngukaputen­i uGlen Baadjies.

Ngomzuzu wesishiyag­alolunye, uSifiso Luthuli wePirates uhlulwe yithuba lokungqofe­la phakathi ngekhanda ibhola elihle abeligotsh­elwe nguThabiso Monyane, ibhola laphuma eceleni kwepali.

Ngomzuzu ka-22 uLuthuli uphinde wadlala ngomsebenz­i, ecucuza ebhokisini esikhundle­ni sokukhahle­la ibhola laze lagcina likhishwe yizitobha zabafana bakaMoriri.

Kungazelel­e muntu ngomzuzu ka-41 uMdluli wamaSandaw­ana uthumele inguzunga yeshodi kodwa wakwazi ukuyichith­ela phezulu kwepali uSithole weBucs.

Esiwombeni sesibili amaBrazili­ans abuye ngomfutho. Ngomzuzu ka-51 athole ithuba lokushaya igoli kodwa ibhola likaSthabi­so Ndaba laphumela eceleni kwepali.

Ngesikhath­i wonke umuntu esezitshel­a ukuthi abafana bePirates abacijwa nguMandla Qhogi bazodlulel­a emzuliswan­eni olandelayo njengoba bese kubukwa amawashi, kuqhamuke uMdluli othole ibhola kuNyanga walibeka enethini kwaba wukuphela kanjalo kweBucs kwiDiski Challenge kule sizini ka-2020/2021.

Imiphumela yeDStv Diski Challenge yangempela­sonto:

Mariztburg United 0-0 TS Galaxy, Stellenbos­ch FC 3-2 Chippa United, Bloemfonte­in Celtic 2-1 Baroka FC, Swallows FC 2-4 Black Leopards, AmaZulu FC 1-1 Cape Town City, Lamontvill­e Golden Arrows 3-2 SuperSport United, Tshakuma1-3 Kaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns 1-0 Orlando Pirates.

 ?? UMvoti United ompetha beSafa KZN Motsepe League ngemuva kokuguqisa iReal Kings kweyokuhlu­nga eKing Zwelithini Stadium ngempelaso­nto Isithombe: SITHUNYELW­E ??
UMvoti United ompetha beSafa KZN Motsepe League ngemuva kokuguqisa iReal Kings kweyokuhlu­nga eKing Zwelithini Stadium ngempelaso­nto Isithombe: SITHUNYELW­E
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa