Ulobizela ukudlala kwiPSL odle isicoco seMotsepe League
UBONA sesifikile isikhathi sokusebenza kwiPremier Soccer League (PSL), uDoctor Mkhonza, ongumqeqeshi woMvoti United, ozomela iKwaZulu-Natal emidlalweni ye-ABC Motsepe League, yokuhlungela ukwenyukela kwiGladAfrica Championship.
Imidlalo yokuhlunga ingoJulayi 9-14, eMbombela, eMpumalanga.
Leli qembu laseGreytown likuphindile lokho ngempelasonto, liphumelela eyokuhlunga umpetha waKwaZulu-Natal (KZN), ligudluza iReal Kings yaseHammarsdale, eThekwini.
Umdlalo womlenze wesibili obuseKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngempelasonto, uphele zibambene ngo-1-1.
UMvoti uthole ithikithi lokuya eMbombela ngenxa yokushaya igoli ekuhambeni.
Emlenzeni wokuqala waphela ngo-0-0.
KobuseMlaza, iKings, ecijwa wuThulisani Latha, iyona eqale yabona imbobo yepali ngegoli likaThabiso Radebe maphakathi nesiwombe sokuqala.
EloMvoti linamathiselwe enethini wuFalakhe Ntshanini kade kuyi-free kick edalake kade seliyozilahla kunina kwesesibili.
UMkhonza utshele Isolezwe ukuthi injabulo yakhe ihambisana nokwethuka.
"Icela ku-20 iminyaka ngisebenza kwiMotsepe League nakwiSAB League. Ngihlale ngicela uNkulunkulu ukuthi ngingadluli emhlabeni noma ngingayeki ukuqeqesha ngingakaze ngisebenze kwiPSL. Ngicabanga ukuthi leso sikhathi sesifikile. Ngithandazela ukuthi abafana bami baqhubeke nebhola abalidlalile kule sizini noma sesidlala eyokuhlunga kazwelonke. Ngiyaziqhenya ngabo, batshengise ukuba amasosha, kabadikibalanga noma iningi bese lizitshela ukuthi iReal Kings isinqobile,“kusho uMkhonza.
Okwesithathu Umvoti uyomela iKZN. Kwisizini ka-2017/18 iqembu laphuma esigabeni samaqoqo, kwedlule lakhishwa kowandulela owamanqamu.
“Kulokhu kumele noma yikanjani singene kowamanqamu ukuze kuzofezeka iphupho lethu,” kuqhuba uMkhonza. Amaqembu adlala kowamanqamu kweyokuhlunga yiwona akhuphukela kwiGladAfrica Championship engaphansi kwePSL.
Ngokwesihlanu uMkhonza efaka amaqembu kweyokuhlungela ukwenyukela kwiGladAfrica.
Eminyakeni edlule wahambisa abaQulusi, iCicilians, AmaJuba noMvoti kabili.
ULatha ufisele uMvoti inhlanhla maqede waveza ukuthi uyaziqhenya ngabadlali bakhe.
"Kube umdlalo omnandi, kwase kunqoba iqembu elenze kahle. Ngeke ngiqambe amanga uMvoti udlale kahle kakhulu ikakhulukazi esiwombeni sesibili. Ushintsho lwabadlali olwenziwe kulesi siwombe lusinike inkinga. Ngithanda nokubonga onondweba, umdlalo bebewuphathe kahle kakhulu. Okubalulekile kithina njengamanje ukuthi sivuke sizithintithe, sineqembu elihle kakhulu engikholelwa ukuthi kweyokuhlunga belizokwenza izimanga. Ngithi nxese kusihlalo weqembu (Bongani Ngidi), uhlale eseseka ngakho konke. Kuzolunga ngokuzayo,“kusho uLatha.