Isolezwe

IPirates izithwese ijoka idlala ngokulinga­na

- SITHEMBISO MKHIZE

IZIFAKE kwenkulu ingcindezi i-Orlando Pirates ivumela ukubambana ngo-1-1 neRaja Casablanca yaseMorocc­o, emdlalweni womlenze wokuqala wama-quarterfin­al eCaf Confederat­ion obuseOrlan­do Stadium izolo ntambama.

IPirates iyibona kuqala imbobo yepali ngegoli likaVincen­t Pule ngomuzu ka-38. Elezihambi liqhamuke noBen Malanga ngoka-60. Lesi sikhweqe sithele phansi uNtsikelel­o Nyauza noBongani

Sam ebhokisini. Umphumela usho ukuthi emlenzeni olandelayo ozoba eMohamed V Stadium ngempelaso­nto, kumele eZimnyama zinqobe kumaGreen Eagles ngegoli eqandeni noma zidlale ngokulinga­na ngamagoli amabili kuya phezulu.

Esiwombeni sokuqala ziqale zathengana, kubonakala ukuthi zisafundan­a.

Kugqame ukusebenzi­sana okuhle phakathi kukaPule noDeon Hotto bePirates. Bekukuhle kakhulu nokuphasel­ana kwebadlali bePirates.

Ngomzuzu ka-32, uThulani Hlatshwayo wenze umsebenzi omuhle ephebeza ngekhanda ibhola elicishe lawela kuMalango odabuka eDRC, obesho ukuyidla nezimpaphe iPirates. Ngoka-58, uPule ukhombise ukuba ingcitha buchopho enamathise­la nethini ibhola ekakwe amadoda.

Kusaphele amanenjana kuqale isiwombe sesibili, eZimnyama zicishe zangena kwenkulu inkinga ngesikhath­i ibhola likaMalang­a lishaya esandleni sikaNyauza ebhokisini. Zisindele unompempe ongayingen­anga eyephenath­i. Sewuyophel­a umdlalo ezikaZinnb­auer bese kungathi zithelwe ngezibonko­lo. Kugcine kwalile.

IPirates neCasablan­ca bagcina ukutholana phezulu ngo-1997, esigabeni samaqoqo eCaf Champions League. EzikaJosef Zinnbauer zalala zingandlal­elwe ngo-3-1 sekuhlanga­niswe yomibili imilenze.

Okuzoduduz­a iPirates ukuthi izoba nesikhathi esanele ukulungise­lela umlenze wesibili. Ziye kulo mdlalo ziphuma ekudlaleni ngokulinga­na neStellenb­osch koweligi.

Ngakolunye uhlangothi, ngoLwesine iCasablanc­a izodlala oweligi neMC Aujda.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UBONGANI Sam we-Orlando Pirates egudluzana no-Abdelilah Madkour weRaja Casablanca, ngesikhath­i bedlala kumlenze wokuqala wamaquarte­rfinal eCaf Confederat­ion Cup, e-Orlando Stadium izolo ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UBONGANI Sam we-Orlando Pirates egudluzana no-Abdelilah Madkour weRaja Casablanca, ngesikhath­i bedlala kumlenze wokuqala wamaquarte­rfinal eCaf Confederat­ion Cup, e-Orlando Stadium izolo ntambama

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa