I-Royal AM izisondeze nesicoco inqoba sekuvalwe amehlo
I-ROYAL AM ingene ngomlenze owodwa kwiDStv Premiership ivukela esiswini njengotshwala i-University of Pretoria emdlalweni weGladAfrica Championship eTuks Stadium, ePitoli, izolo ntambama.
Igoli leTuks lishaywe ngu-Oswin Appollis esiwombeni sesibili.
Awe-AM abekwe enethini nguTshepo Liphoko noZukile Mkhize sekuzophela umdlalo.
I-AM ingene enkundleni idinga amaphuzu amathathu abezokwenza izigcine ihlezi esicongweni se-log ngaphambi kwemidlalo yokugcina yeligi ezoba ngeSonto.
Leli qembu belingayiwina iligi izolo ukube izimbangi zalo, okuyiRichards Bay neSikhukhune United, zehluliwe emidlalweni yayizolo.
ISekhukhune, esendaweni yesibili kwi-log, yehlule iPolokwane City ngo-2-0 kwathi iRichards Bay FC yabambana ngo-1-1 neJomo Cosmos. Yonke imidlalo ibidlalwa ngesikhathi esisodwa izolo.
Ukuthola amaphuzu amathathu kwe-AM kusho ukuthi isidinga iphuzu kuphela emdlalweni wayo neCape Town All Stars ngeSonto ekhaya.
Emdlalweni wayizolo, i-AM ikhombise umfutho zibekwa, ifuna ukushaya igoli ngokushesha. Nokho emuva kwemizuzu embalwa ihluleka ukwakha amathuba acacile, uphele wonke umdlandla.
Abadlali abayizethenjwa, okukhona kubona uKabelo Mahlasela, bekungabonakali ukuthi bakhona enkundleni. Amabhola abefika kanzima kumgadli, uSedwyn George. Ngomzuzu ka-12 kuvele ukuthi iSekhukhune isihamba phambili emdlalweni wayo neCosmos.
Leli qembu ligcine liye ekhefini lihamba phambili ngo-2-0 okuyisimo esifake ingcindezi kwi-AM neRichards Bay.
Esiwombeni sesibili, kuhlale obala ukuthi abadlali be-AM batsheliwe ngokwenzeka emidlalweni yezimbangi. Babuye sebeshintshile, sebeligcina kangcono ibhola. Kodwa inkinga yaphambili kade ingakaxazululeki.
Ngomzuzu ka-60 kuvele ukuthi iRichards Bay isishaye igoli eliyigibeza esicongweni se-log. Emuva kwemizuzu emihlanu, i-AM yenze iphutha emuva, ibhola lawela ku-Appollis walivalela phakathi.
Ngalesi sikhathi esicongweni kade sekuhlezi iRichards Bay kodwa yehla ngomzuzu ka-70 ngesikhathi iCosmos ishaya igoli lokulinganisa.
Ngomzuzu ka-88 kugcine kuyilungele i-AM ngesikhathi uLephoko eshaya phakathi i-free kick.
Ngomzuzu ka-90 uMkhize ushaye elesibili, yaqhwakela ngamaphuzu awu-50. ISekhukhune silandela ngawu-49. Indawo yesithathu ibanjwe yiTS Sporting ngamaphuzu awu-46, alingana naweBay esendaweni yesine.
Iqembu elizoqeda phezulu lizonyukela kwiDStv Premiership kuthi elesibili nelesithathu lidlale eyokuhlunga nelizoqeda endaweni ka-15 esigabeni esikhulu.
Imiphumela yeGladAfrica Championship:
Bizana Pondo Chiefs 2-4 Pretoria Callies; Cape Town All Stars 1-0 Cape Umoya; Steenburg United 1-1 JDR Stars; Tuks
1-2 Royal AM; TS Sporting 1-0 Uthongathi; Jomo Cosmos1-1 Richards Bay; Sekhukhune 2-0 Polokwane City; Free State Stars 3-1 Cape Town Spurs.