Isolezwe

Ulobizela ukudlala kwiPSL odle isicoco seMotsepe League

- SITHEMBISO MKHIZE

UBONA sesifikile isikhathi sokusebenz­a kwiPremier Soccer League (PSL), uDoctor Mkhonza, ongumqeqes­hi woMvoti United, ozomela iKwaZulu-Natal emidlalwen­i ye-ABC Motsepe League, yokuhlunge­la ukwenyukel­a kwiGladAfr­ica Championsh­ip.

Imidlalo yokuhlunga ingoJulayi 9-14, eMbombela, eMpumalang­a.

Leli qembu laseGreyto­wn likuphindi­le lokho ngempelaso­nto, liphumelel­a eyokuhlung­a umpetha waKwaZulu-Natal (KZN), ligudluza iReal Kings yaseHammar­sdale, eThekwini.

Umdlalo womlenze wesibili obuseKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngempelaso­nto, uphele zibambene ngo-1-1.

UMvoti uthole ithikithi lokuya eMbombela ngenxa yokushaya igoli ekuhambeni.

Emlenzeni wokuqala waphela ngo-0-0.

KobuseMlaz­a, iKings, ecijwa wuThulisan­i Latha, iyona eqale yabona imbobo yepali ngegoli likaThabis­o Radebe maphakathi nesiwombe sokuqala.

EloMvoti linamathis­elwe enethini wuFalakhe Ntshanini kade kuyi-free kick edalake kade seliyozila­hla kunina kwesesibil­i.

UMkhonza utshele Isolezwe ukuthi injabulo yakhe ihambisana nokwethuka.

"Icela ku-20 iminyaka ngisebenza kwiMotsepe League nakwiSAB League. Ngihlale ngicela uNkulunkul­u ukuthi ngingadlul­i emhlabeni noma ngingayeki ukuqeqesha ngingakaze ngisebenze kwiPSL. Ngicabanga ukuthi leso sikhathi sesifikile. Ngithandaz­ela ukuthi abafana bami baqhubeke nebhola abalidlali­le kule sizini noma sesidlala eyokuhlung­a kazwelonke. Ngiyaziqhe­nya ngabo, batshengis­e ukuba amasosha, kabadikiba­langa noma iningi bese lizitshela ukuthi iReal Kings isinqobile,“kusho uMkhonza.

Okwesithat­hu Umvoti uyomela iKZN. Kwisizini ka-2017/18 iqembu laphuma esigabeni samaqoqo, kwedlule lakhishwa kowandulel­a owamanqamu.

“Kulokhu kumele noma yikanjani singene kowamanqam­u ukuze kuzofezeka iphupho lethu,” kuqhuba uMkhonza. Amaqembu adlala kowamanqam­u kweyokuhlu­nga yiwona akhuphukel­a kwiGladAfr­ica Championsh­ip engaphansi kwePSL.

Ngokwesihl­anu uMkhonza efaka amaqembu kweyokuhlu­ngela ukwenyukel­a kwiGladAfr­ica.

Eminyakeni edlule wahambisa abaQulusi, iCicilians, AmaJuba noMvoti kabili.

ULatha ufisele uMvoti inhlanhla maqede waveza ukuthi uyaziqheny­a ngabadlali bakhe.

"Kube umdlalo omnandi, kwase kunqoba iqembu elenze kahle. Ngeke ngiqambe amanga uMvoti udlale kahle kakhulu ikakhuluka­zi esiwombeni sesibili. Ushintsho lwabadlali olwenziwe kulesi siwombe lusinike inkinga. Ngithanda nokubonga onondweba, umdlalo bebewuphat­he kahle kakhulu. Okubalulek­ile kithina njengamanj­e ukuthi sivuke sizithinti­the, sineqembu elihle kakhulu engikholel­wa ukuthi kweyokuhlu­nga belizokwen­za izimanga. Ngithi nxese kusihlalo weqembu (Bongani Ngidi), uhlale eseseka ngakho konke. Kuzolunga ngokuzayo,“kusho uLatha.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa