IPirates izithwese ijoka idlala ngokulingana
IZIFAKE kwenkulu ingcindezi i-Orlando Pirates ivumela ukubambana ngo-1-1 neRaja Casablanca yaseMorocco, emdlalweni womlenze wokuqala wama-quarterfinal eCaf Confederation obuseOrlando Stadium izolo ntambama.
IPirates iyibona kuqala imbobo yepali ngegoli likaVincent Pule ngomuzu ka-38. Elezihambi liqhamuke noBen Malanga ngoka-60. Lesi sikhweqe sithele phansi uNtsikelelo Nyauza noBongani
Sam ebhokisini. Umphumela usho ukuthi emlenzeni olandelayo ozoba eMohamed V Stadium ngempelasonto, kumele eZimnyama zinqobe kumaGreen Eagles ngegoli eqandeni noma zidlale ngokulingana ngamagoli amabili kuya phezulu.
Esiwombeni sokuqala ziqale zathengana, kubonakala ukuthi zisafundana.
Kugqame ukusebenzisana okuhle phakathi kukaPule noDeon Hotto bePirates. Bekukuhle kakhulu nokuphaselana kwebadlali bePirates.
Ngomzuzu ka-32, uThulani Hlatshwayo wenze umsebenzi omuhle ephebeza ngekhanda ibhola elicishe lawela kuMalango odabuka eDRC, obesho ukuyidla nezimpaphe iPirates. Ngoka-58, uPule ukhombise ukuba ingcitha buchopho enamathisela nethini ibhola ekakwe amadoda.
Kusaphele amanenjana kuqale isiwombe sesibili, eZimnyama zicishe zangena kwenkulu inkinga ngesikhathi ibhola likaMalanga lishaya esandleni sikaNyauza ebhokisini. Zisindele unompempe ongayingenanga eyephenathi. Sewuyophela umdlalo ezikaZinnbauer bese kungathi zithelwe ngezibonkolo. Kugcine kwalile.
IPirates neCasablanca bagcina ukutholana phezulu ngo-1997, esigabeni samaqoqo eCaf Champions League. EzikaJosef Zinnbauer zalala zingandlalelwe ngo-3-1 sekuhlanganiswe yomibili imilenze.
Okuzoduduza iPirates ukuthi izoba nesikhathi esanele ukulungiselela umlenze wesibili. Ziye kulo mdlalo ziphuma ekudlaleni ngokulingana neStellenbosch koweligi.
Ngakolunye uhlangothi, ngoLwesine iCasablanca izodlala oweligi neMC Aujda.