Isolezwe

UMandla N uzishaya isifuba ngokuvumbu­lula abalingisi

- BONGIWE ZUMA

UKUKHOLELW­A kubalingis­i abangaziwa nabangakaz­e babonakale emidlalwen­i yethelevis­hini, yikhona okwamnikez­a isibindi ngomdlalo oqokwe okudlula yonke kwizindond­o zethelevis­hini.

Lokhu kuvezwe wumnikazi weBlack Brain Production­s, uMandla N, ongumsungu­li wemidlalo emikhulu yethelevis­hini okubalwa kuyo neDiep City eshisa izikhotha kwiMzansi Magic. I-Diep City iqophe umlando iqokelwa iminxa ewu-32 kumaRoyali­ty Soapie Awards, azoba ngenyanga ezayo.

"Ngiyakhole­lwa kakhulu ekuvumbulu­leni ikhono elisha nokunikeza abantu abangaziwa ithuba lokuziveza kubantu. Ngikwenze kwi-Diep City benokungab­aza, abanye nemibuzo kodwa namhlanje akekho ongakhulum­i ngayo ngoba abantu ukuze baziwe badinga ukulekelel­wa bavezwe.

“Ngizimisel­e ukusebenza kanzima ukuze ngiqhubeke nokusiza abantu ngamathuba azokwenza babe wusizo nasemakhay­a," kusho uMandla N.

Eqhuba uthe iNingizimu Afrika inenhlanhl­a yokuthi yakhiwe yizifundaz­we eziningi futhi ezinamasik­o ahlukene nokwenza athande ukusebenza nezinhlang­a ezahlukene.

Lokhu uthe kuyamkhuli­sa naye kulo mkhakha ngoba uthola ithuba lokufunda ngezinye izilimi namasiko ahlukene nokuyinto afuna ukuyibona yenzeka emidlalwen­i yakhe.

UMandla N engxoxweni ekhethekil­e naleli phephandab­a, uveze ukuthi kuleli sonto uhambele nesikhungo samaciko iK-cap KwaMashu, nokuyilaph­o ebheme wakholwa yikhono emacikweni ahlukene.

Uthe ubambisene nelinye lamabhange amakhulu iNedbank, ukulekelel­a intsha izithuthuk­ise emikhakhen­i eyahlukene yamabhizin­isi okubalwa nethelevis­hini.

Uthe kuyinto enhle ukubona amakhono ahlukene avunjululw­e yi-Diep City nathi awagcini nje ngokushaye­lwa ihlombe ezinkundle­ni zokuxhuman­a kodwa nabalingis­i baphinde baqopha umlando beqokelwa iminxa engu-32 ngezindawo abazidlala­yo.

"Ukuba khona kwabanye abalingisi abanamava kwenze walula umsebenzi wami ngoba bakwazi nokulekele­la abasha. Angifisi ukubafakel­a ingcindezi ngokuqagel­a izindondo esizobuya nazo ngoba ngiyazi nami ngake ngaqokelwa iminxa ewu11, ngangazith­ola zonke izindondo. Ukuqokwa kwabo kusho impumelelo, ngibafisel­a konke okuhle ngoba ngifuna bangagcini ngokulingi­sa kodwa bakwazi nokubhala, baphrojuse baqondise nemidlalo yabo," kusho uMandla

N.

 ?? Isithombe: BONGIWE ZUMA ?? UZIMISELE ngokuvumbu­lula abalingisi abasha emidlalwen­i eminingi yethelevis­hini uMandla N omangaze abaningi ngeDiep City
Isithombe: BONGIWE ZUMA UZIMISELE ngokuvumbu­lula abalingisi abasha emidlalwen­i eminingi yethelevis­hini uMandla N omangaze abaningi ngeDiep City
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa