UMandla N uzishaya isifuba ngokuvumbulula abalingisi
UKUKHOLELWA kubalingisi abangaziwa nabangakaze babonakale emidlalweni yethelevishini, yikhona okwamnikeza isibindi ngomdlalo oqokwe okudlula yonke kwizindondo zethelevishini.
Lokhu kuvezwe wumnikazi weBlack Brain Productions, uMandla N, ongumsunguli wemidlalo emikhulu yethelevishini okubalwa kuyo neDiep City eshisa izikhotha kwiMzansi Magic. I-Diep City iqophe umlando iqokelwa iminxa ewu-32 kumaRoyality Soapie Awards, azoba ngenyanga ezayo.
"Ngiyakholelwa kakhulu ekuvumbululeni ikhono elisha nokunikeza abantu abangaziwa ithuba lokuziveza kubantu. Ngikwenze kwi-Diep City benokungabaza, abanye nemibuzo kodwa namhlanje akekho ongakhulumi ngayo ngoba abantu ukuze baziwe badinga ukulekelelwa bavezwe.
“Ngizimisele ukusebenza kanzima ukuze ngiqhubeke nokusiza abantu ngamathuba azokwenza babe wusizo nasemakhaya," kusho uMandla N.
Eqhuba uthe iNingizimu Afrika inenhlanhla yokuthi yakhiwe yizifundazwe eziningi futhi ezinamasiko ahlukene nokwenza athande ukusebenza nezinhlanga ezahlukene.
Lokhu uthe kuyamkhulisa naye kulo mkhakha ngoba uthola ithuba lokufunda ngezinye izilimi namasiko ahlukene nokuyinto afuna ukuyibona yenzeka emidlalweni yakhe.
UMandla N engxoxweni ekhethekile naleli phephandaba, uveze ukuthi kuleli sonto uhambele nesikhungo samaciko iK-cap KwaMashu, nokuyilapho ebheme wakholwa yikhono emacikweni ahlukene.
Uthe ubambisene nelinye lamabhange amakhulu iNedbank, ukulekelela intsha izithuthukise emikhakheni eyahlukene yamabhizinisi okubalwa nethelevishini.
Uthe kuyinto enhle ukubona amakhono ahlukene avunjululwe yi-Diep City nathi awagcini nje ngokushayelwa ihlombe ezinkundleni zokuxhumana kodwa nabalingisi baphinde baqopha umlando beqokelwa iminxa engu-32 ngezindawo abazidlalayo.
"Ukuba khona kwabanye abalingisi abanamava kwenze walula umsebenzi wami ngoba bakwazi nokulekelela abasha. Angifisi ukubafakela ingcindezi ngokuqagela izindondo esizobuya nazo ngoba ngiyazi nami ngake ngaqokelwa iminxa ewu11, ngangazithola zonke izindondo. Ukuqokwa kwabo kusho impumelelo, ngibafisela konke okuhle ngoba ngifuna bangagcini ngokulingisa kodwa bakwazi nokubhala, baphrojuse baqondise nemidlalo yabo," kusho uMandla
N.