Isolezwe

Ushonelwe yindodakaz­i umethuli wezinhlelo

- NOKUBONGWA PHENYANE

IPHINDE yehlelwa yifu elimnyama ngoLwesibi­li indodakazi yabaculi bakamaskan­di uHhashi Elimhlophe noLinah Ngcobo, uNtombi Mzolo, ngemva kokushona kwendodaka­zi yayo encane.

UNtombi owethula izinhlelo ezihlukene kuMoja Love, okubalwa noluthi Lekunutu, kuthiwa indodakazi yakhe uLinile Vunani Mzolo, ishone engozini yemoto ihamba naye.

Kwenzeka lesi sigameko nje, uNtombi uke washonelwa ngenye yezingane zakhe ngo-2015 emuva kokuba izalwe inesifo esingajway­elekile esiphathel­ene nenhliziyo.

ULinah, owaziwa ngelikaEbo­ny nongunina kaNtombi, uthe kubuhlungu okwenzekil­e kodwa konke bakubeka kuMdali.

“UNtombi akalimalan­ga ngesikhath­i kwenzeka lesi sigameko kodwa ingane yona iphelele lapho kwenzeka khona isigameko.

“Senzeke ngesikhath­i beyolanda omunye omdala esikoleni. Kubuhlungu kakhulu. Sibonga imithandaz­o yabantu abalokhu besithumel­ela yona isho lukhulu kuthina.

“Okunye siyophinde sikukhulum­e. Akukhulume­ki kulesi simo esikusona,” kusho u-Ebony.

UNtombi uveze izindaba zokushona kwendodaka­zi yakhe ekhasini lakhe kwi-instagram, wathi “Amazulu asephinde athola enye ingilosi”.

Akabange esanda namaningi uthe lonke ithemba balibeka kuNkulunku­lu, nokunguyen­a ozobadluli­sa kulesi simo.

Osaziwayo abahlukene okubalwa uNomsa Shezi,

Naked DJ, Arthur Mafokate, Sthandwa Nzuza badlulise amazwi enduduzo kuNtombi nasemndeni­ni wakhe.

Kanti akuyena uNtombi kuphela oke wehlelwa yilo mshophi, ngo-2009 umculi uNhlanhla Nciza washonelwa yindodakaz­i yakhe eyayinemin­yaka engu-15 uZinathi, engozini yemoto.

Umamezala kaNhlanhla, wayesendle­leni eyolanda umzala kaZinathi enkulisa ngesikhath­i imoto ishayisa isihlahla, waphuthuny­iswa esibhedlel­a uZinathi kepha wafike washonela khona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa