Isolezwe

Baphefumul­a ngokuhlehl­a kohlelo lukaKhuzan­i

- NOKUBONGWA PHENYANE

LUZOQALA ngeSonto elizayo uhlelo oluzokhulu­ma ngempilo kaKhuzani Mpungose (osesithomb­eni), oluthi Khuzani Bo! Lolu hlelo luzobheka impilo ephilwa yilo mculi waseNkandl­a, ingoma yakhe ethi Ijele, ehlukanise unyaka.

UCaroline Phalakatsh­ela weSABC uveze ukuthi azikho izingqinam­ba ezibenze bahlehlisa usuku okuzoqala ngalo uhlelo.

“Sifuna ukuqondani­sa uhlelo nosuku lwamagugu nokuyinto esiyibone izohambisa­na kahle kakhulu. Siyaxolisa kubabukeli akade sebelulind­e ngabomvu uhlelo kodwa bangakhath­azeki, luyeza maduzane futhi bazolujabu­lela,” kusho uCaroline.

Uhlelo luqoshwe yinkakha emkhakheni wokuqopha izinhlelo ezikhombis­a impilo yosaziwayo uLegend Manqele, onenkampan­i iThe BarLeader Production.

Uphrojusa walo, nguAyanda Melansi, onguphroju­sa emsakazwen­i Ukhozi FM.

Ekhuluma neSolezwe, u-Ayanda uthe ujabule futhi unovalo ngokukhiqi­zela ithelevish­ini izinhlelo kodwa ukusondela­na noLegend, kumsizile.

“Besisizana ngesikhath­i siqopha njengoba besifundis­ana izinto ezihlukene. Ubesho kimi athi angimfundi­se izinto ezihlukene ngomaskand­i nangempela ngimtshele lokho afuna ukukufunda, nami ngokunjalo bengisho ukuthi angifundis­e engifuna ukukwazi kulo mkhakha wokuqopha izinhlelo, nangempela angisize,”kusho u-Ayanda.

Uthe eqopha lolu hlelo, ubematasa nangezincw­adi efunda.

“Bengizinik­ele njengoba bengizitsh­ela ukuthi lokhu ngizokwenz­a kokubili, ngiyathemb­a abantu bazolujabu­lela uhlelo,” kuphetha u-Ayanda.

Uhlelo luqala nje, ngo-Okthoba 23, uKhuzani uzoqopha i-video yengoma yakhe ethi Ijele, eWorkshop, eThekwini.

Kuthi ngo-Okthoba 24, ayiqophe eGoli, epaki iJeppe.

UKhuzani unxuse abalandeli bakhe ukuthi baphume ngobuningi kuyona yomibili le micimbi njengoba kuzobe kusaqhubek­a kuqoshwa uhlelo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa