Bashaqekile eduka nemali yesitokofela
BASALE beshaqekile abebedlala isitokofela somholiswano eManzimtoti, uma befika ebhange sekukhishwe yonke imali kanti basola ukuthi ikhishwe yilungu lesitokofela.
Amalungu ayisishiyagalolunye adlala lesi sitokofela zinyanga zonke athukile, efika ebhange ezokhiphela ilungu obekumele lithole uR12
000 kodwa kwathiwa imali ayisekho.
Amalungu acele ukungadalulwa athe, kuyimanje awazi azokwenze njani ngoba ilungu lithathe imali lahamba nayo, nasefulethini ebelihlala kulo kuthiwa lithuthile kanti uma belifonela ucingo luvaliwe.
Ilungu elicele ukungadalulwa ngoba lisaba ukuthi bazohlazeka ngalesi sigameko lithe baphithene amakhanda.
“Isitokofela esomjikelezo inyanga nenyanga, bekufanele imali iye komunye wethu. Uthe uzoyiqoqa imali asiyifake kuye, ukuze izonikezwa okumele ayithole. Uthe asiyifake kwi-akhawuntu yakhe yasebhange, bekuyinto vele esijwayele ukuyenza ngoba besifaka imali kwi-akhawunti yakhe bese yena eyihambisa kumuntu okumele ayithole. Siye ebhange njengoba besihlelile namhlanje (izolo), wangafika ebhange. Sibe sesimfonela engatholakali. Sibe sesicela abasebhange basibhekele imali kule akhawuntu bathi ikhishwe yonke imali enguR12 000 ekuseni, akusekho mali,” kusho ilungu lesitokofela.
Uqhube wathi banikele endlini yakhe bafika kukhala ibhungezi. Ngokusho kwakhe, leli lungu bahlangana nalo etekisini base bayejwayelana, laba ngumuntu othembekile nobehlala endaweni.
“Bese sijwayelene, sike sayifaka kuyena imali bese yena enika lowo muntu okumele athole ngenyanga. Bese simethemba. Sidumele nje ngalokhu akwenzile,” kusho elinye ilungu lesitokofela.
Isolezwe ngesikhathi lishayela ucingo lo wesifazane osolwa ngokubaleka nemali yesitokofela ucingo lwakhe beluvaliwe, uma ethunyelwa imiyalezo ubengayiphenduli.
Amalungu esitokofela izolo ebesesiteshini samaphoyisa eManzimtoti, eyovula icala. Kushicilelwe esalinde amanye amalungu, abephuma emsebenzini ukuba bavule icala.