Kungene ufakazi wokuqala kwelikaMabuyakhulu
LIGUQELE uMsombuluko icala lenkohlakalo elibhekene nePhini likaSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhulu. UMabuyakhulu wayengungqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha kulesi sifundazwe ngesikhathi kwenzeka amacala asolwa ngawo. UMabuyakhulu, nabanye aboshwe nabo, babhekene namacala enkohlakalo yomcimbi, iNorth Sea Jazz Festival, okwakufanele ube seThekwini wagcina ungabanga khona kodwa kwakhokhwa imali engu-R28 million okwahlukaniselwana yona. Bonke abasolwa bangaphandle ngebheyili emuva kokuboshwa ngo-2018.
Kuthiwa uMabuyakhulu wathola uR300 000 owangena kwi-akhawunti yakhe yasebhange kwaze kwabhalwa isithakazelo sakhe esithi Ndiyema. UMabuyakhulu usazothola ithuba lokubeka konke akwaziyo ngalolu daba kanti yena umelwe nguMnuz Shaukate Karim obethamele icala. Icala belilalelwe eNkantolo eNkulu eThekwini, lisingethwe yiJaji Mahendra Chetty nenye indoda okuthiwa izoqapha okuqhubekayo ebidle isudi yona ngesikhathi uChetty eziminxe ngomjiva wamajaji.
UMbuso ubize ufakazi wokuqala, uMnuz Bongani
Shezi, owayeyisikhulu sezimali emnyangweni ngesikhathi uMabuyakhulu engungqongqoshe. UShezi utshele inkantolo ukuthi owayeyinhloko yomnyango, uMnuz Desmond Khalid
Golding, wamyalela ukuthi agunyaze ukukhokhwa kwemali ezinkampanini.
Uqhube wathi wazithola enza okungafanele ngesikhathi eshintsha inkontileka yomnyango nezinkampani, nokuyinto eyenziwa ngabezomthetho ngaphakathi emnyangweni. Uthe konke lokhu kwaba yimiyalelo kaGolding ongummangalelwa wokuqala, owayehlala ngokumnika imiyalelo.
UShezi uqhubekile walandisa inkantolo ngokuthi ngesikhathi benomhlangano nezinkampani ezazizonikwa umsebenzi wokuhlela umcimbi, wasola ukuthi abanikazi bezinkampani babuye babambe imihlangano eyisikhekhelembana nezikhulu zomnyango ngasese.
UShezi, osesebenzela uMnyango wezeMpilo, uzoqhubeka nobufakazi bakhe ngoMsombuluko uma icala selibuyela enkantolo. UMabuyakhulu nabo bonke abasolwa bebephelele enkantolo, bethe shaye emabhentshini, bebodwa abacofa amaselula, abanye bebheke phansi. UMabuyakhulu ubedle isudi ehamba nensizwa ebukeka iwumqaphi, ebilokhu imsingethe ize imbambele isambulela uma ephuma ngoba bekubhoke umkhizo usuku lonke.