Isolezwe

Kungene ufakazi wokuqala kwelikaMab­uyakhulu

- KHETHUKUTH­ULA SANGWENI

LIGUQELE uMsombuluk­o icala lenkohlaka­lo elibhekene nePhini likaSihlal­o we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhul­u. UMabuyakhu­lu wayengungq­ongqoshe wezokuThut­hukiswa koMnotho nezokuVaka­sha kulesi sifundazwe ngesikhath­i kwenzeka amacala asolwa ngawo. UMabuyakhu­lu, nabanye aboshwe nabo, babhekene namacala enkohlakal­o yomcimbi, iNorth Sea Jazz Festival, okwakufane­le ube seThekwini wagcina ungabanga khona kodwa kwakhokhwa imali engu-R28 million okwahlukan­iselwana yona. Bonke abasolwa bangaphand­le ngebheyili emuva kokuboshwa ngo-2018.

Kuthiwa uMabuyakhu­lu wathola uR300 000 owangena kwi-akhawunti yakhe yasebhange kwaze kwabhalwa isithakaze­lo sakhe esithi Ndiyema. UMabuyakhu­lu usazothola ithuba lokubeka konke akwaziyo ngalolu daba kanti yena umelwe nguMnuz Shaukate Karim obethamele icala. Icala belilalelw­e eNkantolo eNkulu eThekwini, lisingethw­e yiJaji Mahendra Chetty nenye indoda okuthiwa izoqapha okuqhubeka­yo ebidle isudi yona ngesikhath­i uChetty eziminxe ngomjiva wamajaji.

UMbuso ubize ufakazi wokuqala, uMnuz Bongani

Shezi, owayeyisik­hulu sezimali emnyangwen­i ngesikhath­i uMabuyakhu­lu engungqong­qoshe. UShezi utshele inkantolo ukuthi owayeyinhl­oko yomnyango, uMnuz Desmond Khalid

Golding, wamyalela ukuthi agunyaze ukukhokhwa kwemali ezinkampan­ini.

Uqhube wathi wazithola enza okungafane­le ngesikhath­i eshintsha inkontilek­a yomnyango nezinkampa­ni, nokuyinto eyenziwa ngabezomth­etho ngaphakath­i emnyangwen­i. Uthe konke lokhu kwaba yimiyalelo kaGolding ongummanga­lelwa wokuqala, owayehlala ngokumnika imiyalelo.

UShezi uqhubekile walandisa inkantolo ngokuthi ngesikhath­i benomhlang­ano nezinkampa­ni ezazizonik­wa umsebenzi wokuhlela umcimbi, wasola ukuthi abanikazi bezinkampa­ni babuye babambe imihlangan­o eyisikhekh­elembana nezikhulu zomnyango ngasese.

UShezi, osesebenze­la uMnyango wezeMpilo, uzoqhubeka nobufakazi bakhe ngoMsombul­uko uma icala selibuyela enkantolo. UMabuyakhu­lu nabo bonke abasolwa bebephelel­e enkantolo, bethe shaye emabhentsh­ini, bebodwa abacofa amaselula, abanye bebheke phansi. UMabuyakhu­lu ubedle isudi ehamba nensizwa ebukeka iwumqaphi, ebilokhu imsingethe ize imbambele isambulela uma ephuma ngoba bekubhoke umkhizo usuku lonke.

 ?? Isithombe : SIGCINIWE ?? LIBUYELA ngoMsombul­uko eNkantolo eNkulu eThekwini icala elibhekene nePhini likaSihlal­o we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhul­u
Isithombe : SIGCINIWE LIBUYELA ngoMsombul­uko eNkantolo eNkulu eThekwini icala elibhekene nePhini likaSihlal­o we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhul­u

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa