Isolezwe

’Angikholwa wukuthi indodakazi yazama ukungibula­la’

- NONTUTHUKO NGUBANE

UNINA wephoyisa elisolwa ngokubulal­a abomndeni nokuzama ukumbulala naye ukuze lithole imali yomshwalen­si uthi akakholwa ukuthi indodakazi yazama ukumbulala.

UNkk Maria Mushwana, izolo ubethula ubufakazi ecaleni elibhekene nendodakaz­i yakhe.

UConstable Nomia Rosemary Ndlovu, owayeseben­za esiteshini saseTembis­a, eGauteng, izolo kwethulwe ubufakazi enkantolo yaseGoli, ngamacala asolwa ngawo okuthengel­a amalungu omndeni wakhe izinkabi.

Ummeli kamsolwa ubuze unina ukuthi uzizwa kanjani ngokuthi indodakazi yakhe kuthiwa yazama ukumbulala yakhokhela inkabi u-R2 600.

“Angikaze ngizizwe kabi ngalokho ngoba angikaze ngisatshis­we muntu emzini wami,” kusho uNkk Mushwana.

Ebuzwa ngesoka lendodakaz­i yakhe, uthe wayelazi, kodwa akanayo imininingw­ane ngokushona kwalo.

Ubuzwe nangokusho­na kwendodaka­zi yakhe ukuthi umsolwa wazi nini. Uthe kunzima ukukhumbul­a ngoba wayeshonel­we akazange azinake izinto eziningi.

Ebuzwa ngendodana yendodakaz­i yakhe nayo eyabulawa, ukuthi ngabe yahamba nomsolwa yini ukuphikile lokho wathi bahamba ngokuhluka­na.

Uthe akaze ayibuze indodakazi yakhe engumsolwa ngokushona komzukulu ngoba wayengazi ukuthi ingaba nolwazi ngokushona kwakhe.

Umsolwa kuthiwa wazama ukubulala unina, udadewabo, abashana bakhe, futhi unamacala okubulala odadewabo ababili, isoka lakhe nezinye izihlobo. Wathola nemali yomshwalen­si ecela ku-R1.4 million ngokushona kwabawu-6 bomndeni.

Ngokombiko waphambili­ni, phakathi kuka-2012 no-2018, wathinteka ekubulawen­i kwabantu abayisithu­pha wabe esethola imali ezinkampan­ini zemishwale­nsi.

Ubanjwa nje, wayesehlel­e ukubulala udadewabo nezingane zakhe, kwaba nephoyisa elazenza inkabi, ayeliqashe ukuba libangqong­qise nendlu.

UNdlovu ubhekene namacala ayisithuph­a okubulala, amane okukhwaban­isa, elokuphaza­misa ukusebenza kwamaphoyi­sa, namacala ayisishiya­galombili okwakha uzungu lokubulala.

 ?? ROSEMARY NDLOVU ??
ROSEMARY NDLOVU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa