Uvele enkantolo ‘ngetulo’ lokusoconga umyeni
UGONYULUKE konke emaphoyiweni owesilisa okuthiwa wayethengwe ngowesifazane oshadile ukuthi abulale umyeni wakhe eMtshezi, KwaZulu-Natal.
Kuthiwa le ndoda ibhadlazele oKlebe ukuthi uNkk Mbalenhle Xaba (39), wayithengela umacekeceke wemoto eyayizowusebenzisa uma isiyobulala. Kunezinsolo ezithi yena nomyeni wakhe bebesezinhlelweni zesehlukaniso ngesikhathi inkabi ithengwa ngoNovemba ngonyaka odlule.
Ngokusho koKlebe, ithumba liqhume ngesikhathi indoda eyayiqashelwe ukuthi iyobulala umnumzane wekhaya ingasafuni ukwenza eyayikuqashelwe.
Lokhu oKlebe bathi kwaholela ekutheni kube nokubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwendoda eyayiqashiwe nalo wesifazane.
Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uCaptain Siphiwe Mhlongo, uthe umsolwa wayefuna kubuyiswe imoto ayeyithengile khona ezoyinika enye inkabi ayeseyitholile ukuthi ibulale umyeni wakhe.
UMhlongo uthe umsolwa uboshwe ngoLwesithathu ngoKlebe eMgungundlovu, wabekwa amacala okungelokwakha itulo lokubulala nelokukhwabanisa.
Lona wesifazane uboshwe ngoLwesithathu wabingelela iNkantolo yeMantshi yaseMtshezi ngosuku olufanayo.
Icala elibhekene noNkk Xaba libe selihlehliselwa uLwesibili ngoSepthemba 21, enkantolo efanayo okuwusuku okulindeleke ukuthi afake ngalo isicelo sebheyili.
“Ithimba lethu lithole umbiko obumayelana nowesifazane owayefuna ukubulala umyeni wakhe eMtshezi.
Kwenekwa konke lokhu nje, kusolakala ukuthi abashadile bebesezinhlelweni zesehlukaniso somshado wabo,” kusho uMhlongo.
Uqhube wathi indoda okuthiwa yayithengelwe imoto iqashelwe ukubulala, kwathi uma isikushaya indiva eyayithengelwe kona imoto, kwaba nokuphambana okukhulu nomsolwa.
“Umsolwa wafuna ngodli imoto ayesezoyinika omunye umuntu ayesemtholile oyinkabi owayezobulala umyeni wakhe,” kusho uMhlongo.
Iphunzile imizamo yokuthola ukuphawula komyeni okuthiwa wayethengelwe izinkabi, uMhlongo ethe umyeni uthe akathandi ukuphawula ngalolu daba selusezithebeni zenkantolo.