Isolezwe

Kushone ababili bedubulana namaphoyis­a

- SIMPHIWE NGUBANE

KUSALE enkundleni abesilisa ababili okubikwa ukuthi bebedubula­na namaphoyis­a emgwaqweni, uNorthern Drive, ePhoenix, ngoLwesith­athu ngo-9.20 ebusuku.

Kuthiwa amaphoyisa abephansi phezulu kuleya ndawo eqaphe ubugebengu kanti azozithela emotweni ebinabesil­isa abathathu abebesolis­a.

Amaphoyisa kuthiwa ayijahile le moto ezama ukuthi ayimise esebenzisa amalambu aluhlaza ne-siren.

Kubikwa ukuthi umshayeli wayo akazange ame, kunalokho uyishaye yazula ibanga elide.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel Thembeka Mbele, uthe imoto ebihamba abasolwa igcine imile.

“Iphoyisa elilodwa lehle emotweni yawo lathi liya kula madoda avele avulela ngentululw­ane yezinhlamv­u ebhekise emaphoyise­ni.

“Iphoyisa elilodwa lidubuleke emlenzeni kodwa alishonang­a,” kusho uCol Mbele.

Amaphoyisa adubule abulala abasolwa ababili kwathi owesithath­u, oneminyaka engu-28, walimala.

UCol Mbele uthe le ndoda iphuthunyi­swe esibhedlel­a lapho igadwe khona ngamaphoyi­sa.

Udalule nokuthi iphoyisa elilimalil­e liphuthuny­iswe esibhedlel­a kodwa lisesimeni esithembis­ayo.

Amaphoyisa ashaqe izibhamu ezimbili nemoto ebihamba abasolwa, konke okuzoyohlo­lwa ukuthi akukaze kusetshenz­iswe ukwenza ezinye izenzo zobugebeng­u.

UCol Mbele uthe amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala nawokushon­a kwabantu.

“Akhona amanye amacala azothweswa umsolwa ngokuhamba kwesikhath­i,” kusho uCol Mbele.

Okhulumela uphiko oluphenya izenzo zamaphoyis­a, i-Ipid, uNksz Grace Langa, uthe ithimba labo libizelwe endaweni yesigameko ngo-2.10 entathakus­a yayizolo. Uthe luyaqhubek­a uphenyo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa