Isolezwe

Isexwayiso kwabazonyo­mfa ukubhalise­la ukuvota

- MHLENGI SHANGASE

IKHOMISHIN­I eyengamele ukhetho kuleli, i-Independen­t Electoral Commission

(IEC), isixwayise abahlele ukuphazami­sa uhlelo lokubhalis­ela ukuvota ngempelaso­nto ukuthi abezomthet­ho bazobhekan­a nabo.

Le khomishini ithe akekho onemvume yokuphazam­isa ukubhalise­la ukuvota njengoba kusasa nangeSonto kuvulwe ithuba lokugcina lokuthi abantu babhalisel­e ukuvota ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya ngoNovemba 1.

UMnuz Sy Mamabolo oyisikhulu esiphezulu se-IEC, uxwayise ngokuthi akekho umuntu onelungelo lokuphazam­isa labo abafuna ukuyobhali­sela ukuvota.

“Sibe nomhlangan­o lapho izindawo ezingase zisinike inkinga sizidlulis­ele emaphoyise­ni ukuthi aziqaphe ngale mpelasonto. Noma kuthiwa aweneme nanoma ingani, awunalo ilungelo lokuthi uphazamise ukubhalise­la ukhetho.

“Ithuba leli lokuthi abantu baphume bayosebenz­isa ilungelo labo lokuthi babhalisel­e ukuvota,” kusho uMamabolo esithangam­ini sabezindab­a izolo.

Uthe zizovulwa zonke izikhungo ezingu-23 151 zokubhalis­ela ukuvota kusuka ngo-8 ekuseni kuze kube u-5 ntambama.

Uthe bangu-48 899 abasebenzi abaqeqeshe­lwe ukubhalisa abantu.

“Kube okokuqala kulokhu ukuthi siqeqeshe abasebenzi ngohlelo lwe-internet, obeludinga ukuthi bathole u-80% ukuze badlulele phambili.

“Lokhu kuqeqeshwa kuzosiza ekutheni sisize kalula abazobhali­sa.”

Uthe bazosebenz­isa imishini emisha yokubhalis­a njengoba beqeda ngemishini iZip-Zip ebisebenza kusuka ngo-1998.

“Le mishini izosebenza endaweni ene-internet nengenayo. Uzokwazi ukuthumela ulwazi olufakayo ngaleso sikhathi, ngeke uze ulinde. Sithenge engu-40 000 ezobe isebenza ngempelaso­nto.”

Uthe akudingeki ukuthi abantu bagome ukuze bavote.

Ubalule nokuthi amaqembu azokwazi ukukhankas­a kuze kube nguOkthoba 31.

“Uhlelo lokubhalis­a luzovula kuze kube uMsombuluk­o, uSepthemba 20, lapho kuzobe sekufakwa emqulwini kahulumeni usuku lokhetho.”

Uthe bajabule ngoba amahhovisi ezaseKhaya azobe evuliwe ngempelaso­nto ukuze abantu balande omazisi babo.

UMamabolo uthe babhalele uNgqongqos­he walo mnyango, uDkt Aaron Motsoaledi, bemnxusa ukuthi acele kumengamel­i ukuthi usuku lokhetho kube yiholidi.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa