Isolezwe

Ingwadla kowezemfun­do zingavalwa izikhala

- MHLENGI SHANGASE

UKUQHUBEKA nokunciphi­swa kwesabelo sezimali kuMnyango wezeMfundo KwaZuluNat­al ngoR9 billion okulindele­ke ukuthi kwenzeke ngonyaka ozayo, nangoR11 billion ngo-2023 kungadala ukuthi kudilizwe othisha njengoba ingekho nemali yokuvala izikhala ezikhona kulo mnyango.

Lokhu kuvezwe yibamba lenhloko yomnyango uDkt Barney Mthembu, othe ukunqanyul­wa kwesabelo salo mnyango ngoR6.3 billion kulo nyaka wezimali, kudale enkulu inkinga. Uthe inkinga ababhekene nayo bayidlulis­ela kumgcinima­fa noNdunanku­lu wesifundaz­we, uMnuz Sihle Zikalala.

“Uma sikhala ngokunqany­ulwa kwesabelo sezimali sisuke singadlali ngoba lokhu kusishaya ngqo. Imali kulo nyaka inciphiswe ngoR6.3 billion, ngonyaka ozayo kumele inciphiswe ngoR9 billion, kuthi ngo-2023 kube nguR11 billion. Yimali enkulu le uma ubala ukuthi eminyakeni emithathu isabelo sizobe sinqanyulw­e ngoR26 billion,” kuchaza uMthembu.

Wathi kumanje ziningi izikhala ezingavali­we ngoba imali ayikho.

“Ziyinqwaba izikhala esingaziva­lile emnyangwen­i. Zifaka abahloli, kwezinye izindawo othisha abebezoval­a izikhala ngakho ukunqanyul­wa kwemali. Uma isimo siqhubeka siba nje, singagcina ngokuthi sidilize singabe sisaqasha ngoba sizobe singenayo imali.”

Uthe kodwa banethemba lokuthi isimo sizolungis­eka.

“Sibeke ithemba lethu kumgcinima­fa ukuthi uma esenza isabelo esibuyekez­iwe, uzosicaban­gela. NoNdunanku­lu mkhulu umsebenzi awenzayo kulolu daba lwemali.”

Izinyunyan­a zothisha zike zakhala ngokungava­lwa kwezikhala zothisha abasuke beye emalivini ngenxa yokushoda kwemali.

NoNgqongqo­she woMnyango uMnuz

Kwazi Mshengu, ukhale kakhulu ngalesi simo ababhekene naso. Kuthiwa kunezikhal­a ezibalelwa ku-2 000 zothisha ezingavali­we ngenxa yokushoda kwemali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa