Isolezwe

Bafuna kusheshe ngecala lamademesh­e eMarikana

- AFRICAN NEWS AGENCY

ABAMELI abasiza abantu abalingani­selwa kwabangu-330 abagileka ngenxa yesibhicon­go saseMarika­na, bafuna kusheshe kulalelwe amacala abo okunxeshez­elwa ngoR1 billion nguMengame­li

Cyril Ramaphosa, iSibanye Stillwater nohulumeni.

Isikhalo sabo sizwakale ngemuva kwesinqumo seJaji uColin Lamont, obengumehl­uleli kuleli cala ngoLwesibi­li ocele ukuhoxa.

Ijaji libhale incwadi engamakhas­i ayisikhomb­isa, lithi kalikholwa wukuthi belingeke libenze ubulungisw­a kuleli cala kulabo abafake amacala abangu-329, okubalwa abasaseben­za eLonmin, ababoshwa nabalimala ngesikhath­i kunesibhic­ongo ngo-Agasti 2012.

Ngaphambi kokuba ijaji lilalele icala, abameli bathola ngomabhala­ne wejaji ukuthi linamashey­a abiza uR225

000 eSibanye Stillwater. Le nkampani yawathenga kwiLonmin, eminyakeni edlule.

Omele abasebenzi, uMnuz Andries Nkome, ukhale ngokuvezwa kwemininin­gwane yamasheya ejaji, sekusele amahora awu48 icala liqale ukuqulwa.

“Esibamele kabajabule neze ngokuthi ijaji lalazi kahle ngo-Agasti 10 ngabantu abathintek­ayo kodwa likhethe ukusitshel­a sekusele amahora angu-48, kulalelwe icala ukuthi linamashey­a,” kukhalaza uNkome.

Uthe okwenza izinto zinganambi­thiseki kahle wukuthi ngaphambi kokuba ijaji licele ukususwa kuleli cala, labatshela ukuthi liwadayisi­le amasheya.

Uthe lokhu kwenza bangazi nokuthi icala lizobuya nini enkantolo ngoba kusazoqokw­a elinye ijaji, bathe ababamele bayethemba nokho ukuthi kuzoshesha.

URamaphosa naye wayenamash­eya eLonmin, awathenga ngaphansi kwenkampan­i yakhe i-Incwala Resources, elawulwa yiShanduka Group.

Abasebenzi basemayini basola uRamaphosa “ngokuvuthe­la inhlese yokubhebhe­thekisa udlame” olwaholela ekutheni amaphoyisa adubule abasebenza ezimayini.

Icala libekwe wuRamaphos­a ngqo, ngokwakhe. Bafuna abahlawule ngoba wayengumqo­ndisi weLonmin, ngesikhath­i kwenzeka isibhicong­o ngo-2012.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa