Bafuna kusheshe ngecala lamademeshe eMarikana
ABAMELI abasiza abantu abalinganiselwa kwabangu-330 abagileka ngenxa yesibhicongo saseMarikana, bafuna kusheshe kulalelwe amacala abo okunxeshezelwa ngoR1 billion nguMengameli
Cyril Ramaphosa, iSibanye Stillwater nohulumeni.
Isikhalo sabo sizwakale ngemuva kwesinqumo seJaji uColin Lamont, obengumehluleli kuleli cala ngoLwesibili ocele ukuhoxa.
Ijaji libhale incwadi engamakhasi ayisikhombisa, lithi kalikholwa wukuthi belingeke libenze ubulungiswa kuleli cala kulabo abafake amacala abangu-329, okubalwa abasasebenza eLonmin, ababoshwa nabalimala ngesikhathi kunesibhicongo ngo-Agasti 2012.
Ngaphambi kokuba ijaji lilalele icala, abameli bathola ngomabhalane wejaji ukuthi linamasheya abiza uR225
000 eSibanye Stillwater. Le nkampani yawathenga kwiLonmin, eminyakeni edlule.
Omele abasebenzi, uMnuz Andries Nkome, ukhale ngokuvezwa kwemininingwane yamasheya ejaji, sekusele amahora awu48 icala liqale ukuqulwa.
“Esibamele kabajabule neze ngokuthi ijaji lalazi kahle ngo-Agasti 10 ngabantu abathintekayo kodwa likhethe ukusitshela sekusele amahora angu-48, kulalelwe icala ukuthi linamasheya,” kukhalaza uNkome.
Uthe okwenza izinto zinganambithiseki kahle wukuthi ngaphambi kokuba ijaji licele ukususwa kuleli cala, labatshela ukuthi liwadayisile amasheya.
Uthe lokhu kwenza bangazi nokuthi icala lizobuya nini enkantolo ngoba kusazoqokwa elinye ijaji, bathe ababamele bayethemba nokho ukuthi kuzoshesha.
URamaphosa naye wayenamasheya eLonmin, awathenga ngaphansi kwenkampani yakhe i-Incwala Resources, elawulwa yiShanduka Group.
Abasebenzi basemayini basola uRamaphosa “ngokuvuthela inhlese yokubhebhethekisa udlame” olwaholela ekutheni amaphoyisa adubule abasebenza ezimayini.
Icala libekwe wuRamaphosa ngqo, ngokwakhe. Bafuna abahlawule ngoba wayengumqondisi weLonmin, ngesikhathi kwenzeka isibhicongo ngo-2012.