Isolezwe

Bazothola nochatha kakheshi benyuselwa amaholo

- MHLENGI SHANGASE

BAZONYUSEL­WA umholo ngo-3.5% abasebenzi bomasipala kuleli emuva kokusayinw­a kwesivumel­wano samaholo yiSouth African Local Government Associatio­n (Salga) nezinyunya­na.

Uchatha bazowuthol­a iminyaka emithathu emuva kwalesi sivumelwan­o esithathwe emkhandlwi­ni wezingxoxo.

ISalga emele omasipala abangu-257 kuleli ithe izingxoxo zidonse isikhathi eside futhi zike zafinyelel­a kwangqinge­tshe.

Lezi zingxoxo ziqale ngoMashi phakathi kweSalga nezinyunya­na iSouth African Municipal Workers Union (Samwu) ne-Independen­t Municipal & Allied Trade Union (Imatu).

“Lesi sivumelwan­o eseminyaka emithathu, uma ngomuso kudingeka ukuthi sisibuyeke­ze ngenxa yezimo zomnotho sizokwenza kanjalo.”

Abasebenzi bazothola uchatha ozokhokhwa uqale kusukela kuJulayi 1, 2021.

“Abasebenzi bazothola uchatha kakheshi kanye. Labo abahola uR12 500 noma ngaphansi bazothola uR4 000. Abahola ngaphezu kukaR12 500 bazothola uR3 000.”

ISalga ithe lesi sivumelwan­o sizosiza wonke umuntu ngoba nalabo masipala abadonsa kanzima bazokwazi ukuphefumu­la.

Ithe bekungelul­a ukuthi kufinyelel­we kulesi sivumelwan­o njengoba izingxoxo zafinyelel­a kwangqinge­tshe, kwaze kwalethwa umxazululi.

ISalga ithe lesi sivumelwan­o sizoletha uzinzo kulo mkhakha futhi ngeke kube nesidingo sokuthi minyaka yonke kube nezingxoxo zamaholo.

I-Imatu ivumile ukuthi sisayiniwe isivumelwa­no samaholo.

IPhini likanobhal­a jikelele kwiSamwu uMnuz Dumisane Magagula, lithe balindele ukuthi bonke abasebenzi bathole imali yabo nomholo ka-Okthoba, ikhokhwe isukela kuJulayi 1.

Izigxoxo ziqale ngokuthi iSamwu yayifune ukunyuselw­a amaholo ngo-7%, i-Imatu yona yayifune u-9%.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa