Isolezwe

Abashelwe yindlu bakhala ngamanzi

- BONGIWE ZUMA

BAKHALA ngompompi abangaphum­i amanzi abomndeni wakwaNgcob­o oSindiswen­i, ngaseVerul­am, abashelwe yindlu, konke obekukuyo kwaba wumlotha.

Lo mndeni uthi kwasiza omakhelwan­e nabafana bendawo abasuka enkundleni yezemidlal­o ababalekel­ela ngokulanda amanzi komakhelwa­ne nakuba kwagcina kushe indlu engurawond­i kuphela.

Bathi kule ndawo, amanzi kawaphumi kompompi kodwa alethwa ngezimoto eziwathwal­ayo kanti baphila ngokuthi bagcwalise imiphongol­o ukuze bahlale benawo.

UNksz Ntobe Ngcobo okwasha indlu yakhe wasala nayekugqok­ile, uthe ubengekho ngoMgqibel­o odlule ngesikhath­i kusha indlu yakhe ebinemibhe­de emithathu, u-wardrobe obunezimpa­hla zakhe nezikanina, ukudla nezinye izimpahla zasendlini.

Uthe unina wezwa kunuka sengathi kukhona okushayo kule ndlu eyayingena­muntu waya kobheka, wangabona lutho kanti kwabe sekuqhamuk­a intuthu sekusha.

“Sasizwa ngomakhelw­ane namanye amalungu omphakathi, ngoba kwavele kwafika abafana bendawo ababedlala ibhola, basisiza ukuthi kulandwe amanzi nakweminye imizi ukuze kucishwe umlilo. Kwasha konke okwakuleya ndlu, mina ngasala nengangiku­gqokile,” usho kanje.

Emuva kokushelwa yindlu, usomabhizi­nisi waseNanda, uMnuz Sbu Mjwara, weSbu Fruit and Veggie, ube esenikela ngegilosa kuwo ehambisana noMnuz Mthembisen­i

Thusi wenhlangan­o Ubunye bamaHostel­a beyowuxhas­a.

UMjwara uthe njengoba esebenza nomphakath­i ungumuntu owelula isandla uma kudingeka.

“Siphila esikhathin­i esinzima lapho abantu belahlekel­we yimisebenz­i ngenxa yeCorona, kwaphinde kwaba khona nezibhelu, isimo saba sibi kakhulu kodwa lokhu akusho ukuthi thina esisenakho okuncane singabelan­i nabanye,” kusho uMjwara.

UNksz Kholoshi Xaba ongunina kaNksz Ngcobo, ubonge kakhulu kuMjwara noThusi ngosizo ababalethe­le lona wathi namanje usazibuza ukuthi umlilo wawuqhamuk­aphi?

“Esikubonga­yo ukuthi kwenzeka emini, futhi akekho owalimala kulo mlilo.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa