Isolezwe

Simi ndawonye siyisizwe esinsundu ekubeni sinamasiko anothile

-

SIYADINGA ukupequlul­wa ugongolo,ubhici namankemfu lapho sidloba ngomfutho ezintweni ezingasiyi­si ndawo.

Kuhlala kukhalwa ngohlaka lwezemfund­o ngoba lubukeka luyinto emi ndawonye engalinoth­isi ikhanda kepha iyalicinde­zela ligcine likhongoze­la emthonjeni owodwa. Ngakuphi kokuthi nalo isiko limi ndawonye ikakhuluka­zi elabansund­u, sibhekene nengwadla uma kukhulunyw­a ngentuthuk­o yesiko.

Uma ungabheka amazwe asentshona ayaqinisek­isa ukuthi ayawunamek­a umlando wawo ngokuwuqop­ha maqede awulonde.

Kulawa mazwe kulondwa ngisho ukhezo olwaludla isihlabani sakuleso sizwe kuze kubhekwe ngisho indlela ayecabanga ngayo lowo muntu kwakhiwe isimongqon­do ngaye nomoya wakhe ukhonzwe zizukulwan­a.

Bawathuthi­kisa kanjalo-ke amasiko abo ngoba athi ethuthukis­wa ngokuhamba kweminyaka kodwa ebe exhumekile emisukeni yawo.

Inkinga ngawethu amasiko afihlwa ngabantu abadala ababenenge­ka uma bebuzwa imibuzo ngosiko nesiko.

Uma kufika isizukulwa­na esilandela­yo siqhubeka nesiko esingenako ukuqonda ngalo.

Kubuhlungu ukuthi simi ndawonye siyisizwe esinsundu ekubeni sinamasiko acebe kangaka.

Le nto yokunqwaha nenqubekel­a phambili egameni lesiko silenze isinkonkon­ko sesimbelam­bela, ngeshwa isizukulwa­na esilandela­yo siyohlulek­a wukuqhubez­ela phambili amasiko uma singachaze­lwanga ngobumqoka bawo. Uma siqhubeka nokwenza isiko lethu inunu yokwethusa ukuze bahlabe izinkomo, akukho lapho siyoya khona.

Uma isiko lethu kuzoba ngamabhesh­u, amahwu nezinduku nokusakaza umhlabathi ngonyawo siyogcina ngakho ukuthwetsh­ulwa izithombe emicimbini kodwa sibe singenawo umthelela.

Uma njalo ngonyaka sizokhulum­a ngokuthi okhokho bethu babephila kanjani kodwa kube kungekho esikufunda­yo kuleyo milando ukwenza umahluko kwinamuhla, siyazidlal­ela nje.

Sidinga ukuhlangan­a sidingide imilando yamasiko nemisuka yawo.

Masikutuse okuyikho nokusengas­ebenza kwinamuhla, siphinde sikuhlabe sikuhlikiz­e okusenza sibukeke njengezilw­ane.

Ngiphatha igama lezilwane ngoba kunomehluk­o phakathi komuntu naso hhayi ngoba sideleleki­le.

Amaphutha ahlala ekhona kuzo zonke izigaba zokuphila - kusukela sibancane senza amaphutha okukhula, nalapho sesivuthwa emakhanda kuba nezinselel­o zakhona eziba nengcindez­i ebangela ukuthi kube neziphambe­ko.

Kanjalo-ke nangamasik­o ethu akhona ayemahle ngokwesikh­athi kodwa angasangen­i athi khaxa ngokwesikh­athi.

Uma siphoqelel­a ukugcinwa kwamasiko angavumela­ni nesikhathi nendawo sizobhekan­a nenkulu ingcindezi yokuba ngomva kwezinye.

Njengoba sibhekene nempi kagimbici kufanele ngabe sesinendle­la entsha yokuhlamba izandla ngomswane ukuze singathele­lani ngalesi sifo njengokuth­i kwakhiwe isigubhu esincane esizopotsh­ozwa njalo uma kumele kuhlanjwe izandla emva komngcwabo.

Singalivus­elela futhi isiko elithi makube ngumndeni kuphela oba khona ekuthunwen­i kwelungu, bambeke ngehubo lomndeni.

Empeleni lesi sikhathi esikuso sisibeka ethubeni elingconyw­ana lokubhekis­isa lokho esingaphil­a ngaphandle kwakho.

Yonke iminwe isikhomba ekhaya, kuthe lapho singasakwa­zi ukuya emasontwen­i ikhaya kwaba yiyo kuphela indawo ongaphephe­la kuyo.

Imvelo isipha eziningi izimpawu kepha thina kasifundis­eki.

Njengamanj­e kumele ngabe simatasa sicwaninga imisuka yethu ngenhloso yokwakha isiko elisha elizosivik­ela ekushwabad­elweni ngamasiko ezinye izizwe.

Lokhu kumele sikubheke njengefa okumele silishiyel­e izingane.

Ingozi enkulu ngesiko uma lingalondw­anga ngendlela eyiyo, wukuthi amankentsh­ane avuka ame ngezinyawo abhebhethe­kise indideko ngoba efuna ukuqola adle abantu bephila.

Isiko lakhiwa yithi ngokufunda emvelweni nakulabo abasandule­la.

Imvelo ayikaze iwaqambe amanga ngakho masifunde kuyo senze okufanele.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa