Isolezwe

Eyabamatek­isi nabagibeli mayilungis­we ngesinono hhayi ngobubhokl­olo

-

KUKHATHAZE­KA noma yimuphi usomabhizi­nisi uma kukhona okungahamb­i kahle ebhizinisi­ni lakhe noma okuliphaza­misayo ekutheni lithuthuke.

Akufanele kodwa izinyathel­o ezithathwa yilowo somabhizin­isi, ukuvikela ibhizinisi lakhe, kube ngeziphula umthetho noma ezihlukume­za amalungu omphakathi.

Yingakho sikhala ngesimo esibikwa ngabantu baseMnambi­thi abasebenzi­sa usosesheni iKlipriver, ababika ngezigamek­o zokuhlukun­yezwa ngosomatek­isi.

Kule ndawo abantu bakhala ngokuthi osomatekis­i baqale umkhankaso wokudiliza abagibeli ezimotweni ezincane kanti okubakhali­sayo wukuthi basongela nabahamba bewumndeni emotweni eyodwa.

Bathi bakwenza lokhu ngoba bekhala ngokuthi ukugibelis­ana ezimotweni ezincane kulimaza ibhizinisi labo.

NoSihlalo walo sosesheni, uMnuz Bhekuyise Masondo, ukuvumile ukuthi bawuqalile lo mkhankaso, waphika kodwa ukuthi badiliza nabomndeni owodwa abasemotwe­ni njengoba kusho abakhulume neSolezwe bekhala ngalo mkhankaso.

Kuhle ukuthi osomabhizi­nisi, njengabo osomatekis­i, bahlale bebheka indlela yokusebenz­a nokuthola izisombulu­ko ezinselelw­eni abahlangab­ezana nazo.

Kepha akufanele futhi siyakugxek­a ukuthi lokhu kwenziwe ngendlela ezohlukume­za omunye umuntu futhi ehambisana nobubhoklo­lo.

Liyezwakal­a iphuzu lokuthi umuntu ogibelisa abantu emotweni yakhe bese ebakhokhis­a, uyashayisa­na nomsebenzi wezithuthi zomphakath­i. Okungezwak­ali kodwa wukuthi kutshelwe ngisho amalungu omndeni ukuthi angagibeli­sani.

Osomatekis­i, usosesheni, uMnyango wezokuThut­ha KwaZulu-Natal nezinhlaka zezokuthut­ha kumele zisibhekis­ise lesi simo esibikwa eMnambithi sinqandwe kungaze kuqubuke udlame olungenasi­dingo le mboni edume ngalo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa