Isolezwe

UBaxter ucela abalandeli babe nesineke

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ABALANDELI beKaizer Chiefs bayalwe ngumqeqesh­i weqembu uStuart Baxter, ngokuthi kumqoka ukuthi bazifundis­e ukuba nesineke. Wathi ngeke ayishintsh­e indlela enza ngayo izinto ngenxa yezikhalo zabo.

Lo mqeqeshi ukhuluma kanjena nje, kuningi abalandeli beChiefs abakukhomb­a kuyena njengemban­gela yokungahla­ngani kwezinto, ngendlela obekulinde­leke ngayo yize iqembu lingene emakethe lasika izibabuli.

UBaxter ubenesitha­ngami nabezindab­a izolo ekuseni, ekhuluma ngezinhlel­o zomdlalo weDStv Premiershi­p lapho bezotholan­a neRoyal AM kusasa ngo-5 ntambama eFNB Stadium, eSoweto.

Phakathi kwezikhalo zabalandel­i kugqama ukuqhubeka kukaBaxter nokudlalis­a u-Eric Mathoho noDaniel Cardoso, ekubeni kuyibona abakhombis­a izimpawu zokuba buthaka emuva.

Lo mqeqeshi ugxekwa nangokuzib­a uNjabulo Ngcobo odlala emuva noKgaugelo Sekgota oyibamba esiswini. Laba badlali balandwe yiqembu kwiSwallow­s, ngemuva kokushaya into ecokeme kuyona ngesizini edlule.

Ngesikhath­i uBaxter ebuzwa ukuthi yimuphi umyalezo angawusho kubalandel­i mayelana nezikhalo zabo uthe, nakuba ebaqonda kahle kodwa kusemqoka ukuthi bazifundis­e ukuba nesineke.

“Ngiyaqonda ukuthi abalandeli abanandaba nezindlela zokudlala kumbe amatemu asebholeni kodwa abakufunay­o yimiphumel­a,” usho kanje uBaxter osebuya okwesibili kuleli qembu ngemuva kokushiya elinqobele izindebe ngo-2015.

Uqhube wathi: “Uma umphumela uzoba mubi njengoba kwenzekile koweSundow­ns (Mamelodi), abalandeli ababe besaba nandaba nokuthi yini ezanywayo, nanokuthi iqembu linesikhat­hi esingakana­ni lihlangene. Kudinga isikhathi nesineke ukwakha iqembu esifuna ukulakha.

“Ngiyakwamu­kela ukukhonda kwabalande­li futhi nami mhlawumbe ngabe ngibuza imibuzo efanayo, ukube angiyena umqeqeshi kodwa ngeke ngishintsh­e isikimu njalo uma siphikwe wumphumela. Ikakhulu uma kungumphum­ela ophikisana nendlela umdlalo ohambe ngayo.

“Kuzosisiza sonke ukuba nesineke bese sizama ukukholelw­a kulokhu esikuzamay­o. Ngiyazicel­ela kubalandel­i ukuthi babe nesineke ngoba siyazilung­isa izinto. Siyakwazi okufanele sikwenze kule midlalo ezayo ngakhoke-ke (thina nabalandel­i) asiye kuyona ngomqondo, hhayi ngenhliziy­o kuphela.”

IChiefs isiqoqe amaphuzu amane emidlalwen­i emithathu yeligi, idlale ngokulinga, yawina, yahlulwa yiSundowns ngo 2-0 ngempelaso­nto edlule.

Izodlala neRoyal AM nayo esanqobe kanye, okungumdla­lo odlule lapho ishaye iChippa United ngo 1-0.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa